INKAKHA ye-Afro soul, uSindile "Ringo" Madlingozi, seyizogxila emculweni ngoba seyihoshe imfe kwezithinta ipolitiki. URingo umemezele lokhu enkundleni yezokuxhumana i-X, ngesikhathi ekhuluma nabalandeli bakhe.
"Angisesona isishoshovu sepolitiki. Ngiyohlale ngibathanda abafowethu nodadewethu. Inhloso yami yokwelapha ngomculo izohlale ikhona. Ngiyoze ngife ngiyilungu le-EFF," kubhala uRingo.
Umculi ungomunye wamalungu i-Economic Freedom Fighters (EFF), angakwazanga ukuba yingxenye yePhalamende lehlandla lesikhombisa ngenxa yokwehla kwesibalo sabantu abavotele iqembu ngokhetho lwangoMeyi 29, nonyaka.
Lo mculi odabuka ePeddie, e-Eastern Cape, ubeyilungu lePhalamende kusukela ngoMeyi 22, 2019.
Kwenzeka lokhu nje, uRingo wenza isivumelwano nenkampani yomculo iSony Music Entertainment ngoSepthemba 15 nyakenye.
Lesi sivumelwano sibandakanya nokutholakala kwezingoma ezikuma-albhamu engwazi kuzo zonke izitolo zomculo ezisezinkundleni zokuxhumana.
URingo (60), wodumo lwengoma ethi Kum Nakum, nethi Ngiyagodola, waqala ukwaziwa endimeni yomculo ngesikhathi ibhendi yakhe, iPeto, ingenela umqhudelwano iShell Road To Fame ngo-1986.
Emuva kwalokho wayebuye waxebuka kuleli nozakwabo, u-Alan Cameron, basungula elinye iqembu iGecko Moon. Leli qembu lazakhela ngodumo ngengoma ethi Green Green.
Ukuhlangana nomphathi we-Island Records, uChris Blackwell, yikho okwamcabela indlela ebheke empumelelweni.
I-albhamu eyenza uRingo wavelela emculweni ngeyayithi Vukani ngoba yadayisa inqwaba yamakhophi futhi yamenza wahlabana ngenqwaba yemiklomelo.
Waze wathola ingqayizivele yethuba lokucula ngokuhlanganyela neqembu le-reggae elidume umhlaba wonke, i-UB40. Ema-albhamini alandela iVukani, kubalwa ethi Sondelani, Mamelani, Into Yami, Buyisa, Ntumba, Baleka namanye amaningi.