UMLINGISI owaduma kwiTelenovela iDurban Gen, uBhekisizwe Mahlawe, useveze ukuthi uzogxila emculweni ukufeza iphupho lakhe.
Leli ciko laseMzimkhulu engxoxweni elibe nayo neSolezwe Ngempelasonto lithe laqala ngakho ukucula, kwathi ukulingisa kweza kamuva. UBhekisizwe uthe kwakuyiphupho lakhe esakhula ukuthi ngelinye ilanga aqophe izingoma.
Lo mlingisi owayedlala indawo kaCalvin kwiDurban Gen, uthe ngaphambilini uke wasebenza nengwazi yomculi weKwaito uBrown Dash noMrepha waseThekwini, uZulu Boy. Uthe kumanje umatasa nececwe azolikhipha maduze asebenze kulo nabaculi abafana noPilatu noBhar.
Uthe akalithathile ikhefu ekulingiseni, kunalokho uzosheba ukulingisa nomculi.
"Empeleni umculo yinto engaqala ngayo, yinto engikhule ngayo futhi. Yabona nje obhuti bomculi wokholo uJumbo abacula iGospel bayangazi. Ngibone ukuthi angibuyele emculweni ngoba yinto engisuka kude nayo.
Ngibone nokuthi kubalulekile ngifeze iphupho lami leminyaka lokuthi ngiqophe umculo ngokwezinga eliphezulu. Abantu abaningi abazi ukuthi ngiyacula, manje sekuyisikhathi sokuthi bekwazi lokho ngoba ngiyindoda yamathalente amaningi. Ngikhuluma nje, kune-phrojekthi esisebenza phezu kwayo noBhar noPilatu, izophuma maduze abantu bazobhema bekholwe,"
Ekhuluma ngebanga eselihambile endimeni yokulingisa, uthe libe nzima njengoba amathuba kwesinye isikhathi ebengavuleki nokwamenza waqina futhi wakhalipha ngokomqondo.
"Ukuqala kokuthola iPlatform kwaqala kuMy Kasi story ngidlala njengomlingisi ovelele emdlalweni iDrama King, kusuka lapho kwavuleka iminyango kwiRythim City, Generations neDurban Gen. Ukulingisa kuyithalente kimi futhi kuyisiphiwo ngoba akaze ngikuyele esikoleni ngiyokufundela. Ngangiziphumela emakhaya nje kwasekuba ukuthi ngilandela ithalente lami," kuchaza uBhekisizwe.