USALE dengwane umculi kamaskandi, uZekani Shangase, ngokudlula emhlabeni kobengumphathi wenkampani abeseqopha ngaphansi kwayo, uKaMavuso Verse Entertainment. Ushona nje uBongani Mavuso, uZekani ubesanda kuqopha ngaphansi kwakhe i-EP Album, ephume uMavuso engasekho emhlabeni. UZekani uthe usele dengwane ngoba uMavuso uyena obezosabalalisa umculo wakhe emisakazweni nasezitolo eziku-online futhi amfakele naseziteshini zemisakazo. "Ngigqemeke enkulu ingozi ngaye ngoba bekunguye kuphela umphathi wami weqiniso. Ubeke angitholele imidlalo futhi angihlelele konke okuyizidingo zomculo kodwa angathathi ngisho isenti. Ngisazokhuluma nomndeni ukuba kube nengoma engiyenzayo yokumbonga," kusho uZekani owavumbululwa wuVusi Ximba esacula eqenjini, AmaSwayimane Amahle. Kuleli cwecwe elisha uZekani usebenze nezingwazi zaseSouth Coast, uPhuzekhemisi noMbuzeni Mkhize.
Uthe ukujabulele kakhulu ukusebenza nalezi zinkakha ngoba bezimyala ngokuthi akashaye ingoma, akhohlwe yizimpi zomaskandi angahlangene nazo.
Lo mculi wakwaMaphumulo, eStezi, kwaSwayimani, ukhiphe umucu othi Ngicela Impumelelo kwathi ngo2019, waqopha noGlama Kamaskandi, ethi Omahlalela.
"Umculo ngikhule ngiwuthanda ngisemncane. Bengineqembu eligida ushameni emakhaya namanje lisekhona Amalanda Amhlophe. Ngathi ngicula emcimbini owawukaKhanyile, eNkululeko ngabonwa ngubaba uVusi Ximba wangifaka eqenjini, Amaswayimane Amahle ayelikhulisa emakhaya. Ngeshwa wadlula emhlabeni." Ngo2016 uZekani wakhipha i-albhamu yokuqala esihloko sithi Beyonce ngo2018. Wabuye wakhipha eyesibili ethi Ivukane Uwena.