NGEMVA kweminyaka eminingi agcina ukubonakala emcimbini oKwaZulu-Natal, umculi we-Afro pop uNtando Bangani, ngoMashi 23 uzonandisa koweYou Should Be Mine South African Tour, ePietermaritzbirg Athletic Stadium.
UNtando (39), oke wasinda ezingozini zemigwaqo, uthe uzoqhulula wonke amanoni akhe azowatomula kuma-albhamu adlule.
"Ngizozama ngayo yonke indlela ukuthi ngishiye abantu besahalela impinda ngoba esiteji yindawo engiyijabulelayo," uNtando.
Uthe ujabule kakhulu ngokumenywa ukuba abe yingxenye yendumezulu yomcimbi.
"Ngizizwa ngibusisekile ngokuthola ithuba lokushiyelana inkundla noJeffrey Osborney kuchungechunge lwamakhonsathi akhe."
UNtando waqala ukwaziwa emculweni nge-albhamu yokuqala esihloko sithi Kwantu, kusukela ngo-2003. Yi-albhamu yakhe yesibili ethi Imvelaphi eyamenza wavelela emculweni ngo-2005, yayigabe ngenoni elalithi Dali Wami. Le ngoma yenza uNtando wahlabana ngeSong of the Year kumaSouth African Music Awards, nakumaMetro FM Music Awards ngo-2006. UNtando ugcine esethandwa nasemazweni angaphandle anjengoFrance, Germany, Botswana, Namibia nako-India.
Ezinye izingoma adume ngazo kakhulu ngezithi Ngiyamthanda nethi Nono.
KwiYou Should Be Mine South African Tour, uNtando uzoshiyelana inkundla noKhuzani, Vusi Nova, Brian Temba, Msizi Shembe, Ntando, Linda Gcwensa, Zakwe, Duncan, Collen Zondo, Mzokoloko, Mazola, Kenny K noNhlanhlo.
Lolu chungechunge lwamakhonsathi kaJeffrey Osborne luzoqala eGrand Arena, eCape Town ngoMashi 20, ludlulele ePietermatizburg Athletic Stadium, ngoMashi 23 naseSunbet Arena, ePretoria bese imbenge isongwa e-Emperors Palace eGoli ngoMashi 29.
Amathikithi athengwa ubuthaphuthaphu eTicketpro, ezitolo zaseSpar Payzone nasePostnet kuzwelonke ngoR490.