UMCULI odabuka eHammarsdale, uNomcebo Zikode, uthole ingqayizivele yethuba lokuboshelwa nezingwazi zamazwe ngamazwe kwi-albhamu yomculo waseFrance, uJames BKS, esihloko sithi Wolves of Africa.
Ezihlabanini ezidume umhlaba wonke ezibambe iqhaza kuleli cwecwe kubalwa u-Idris Elba, Will.i.am, Q.Tip, Carlos Santana, Yemi Alade, Royce DA 5'9" nabanye abaculi.
UNomcebo wodumo lwenoni elithi Jerusalema uzwakala engomeni esihloko sithi Best We Can, lapho ecula khona ngokuhlanganyela nenkakha edume umhlaba wonke yaseBenin kodwa esizinze eFrance, u-Angelique Kidjo.
UNomcebo uthe kumjabulise kakhulu ukuba yingxenye yalo msebenzi osezingeni lomhlaba. "UJames no-Angelique ngamaciko anamakhono ahlukile, engikuthakasele kakhulu ukusebenza nawo.
Ngikuthokozele ukubabuka beqhakambisa isigqi sabo. Lokho kwenze ngakwazi ukuveza ikhono lami kule ngoma nokusabalalisa umyalezo wethemba nothando.
Ngicabanga ukuthi ikhethekile futhi idinga ukulalelwa wumhlaba." UNomcebo noJames baqale ukwazana ngesikhathi se-African Cup of Nation eCameron, ngesikhathi uJames enandisa emqhudelwaneni wamanqamu nyakenye.
Umucu ohlanganyelwe wuJames, Angelique noNomcebo kulindeleke ukuba uphume sewuhambisana nevidiyo eqoshwe eFrance, New York naseGoli ngoSepthemba 8.
UNomcebo usanda kuhlabana ngendondo kuma-65th Grammy Awards, ngengoma abayiqambe noZakes Bantwini noWouter Kellerman esihloko sithi Bayethe ngaphansi komunxa weBest Global Music Performance eLos Angeles, eCalifornia ekuqaleni kwalo nyaka.
Uqale ukwaziwa ngokuphelezela ngezwi uNhlanhla Nciza noDeborah Fraser ngaphambi kokuvelela ngengoma ethi Xola Moya Wami.