UKUNGENISA komculo wesilomo somculi kamaskandi uGatsheni sekuholele ekutheni iningi labantu lifune ukuzisondeza naye ngezindlela ezahlukene.
Akubona nje abantu abangabalandeli kuphela kodwa nozakwabo emculweni sebeqalile ukusebenza naye ubuthaphuthaphu ezingomeni zabo.
Yize lokhu kukhombisa ikhono nobuciko kuGatsheni kodwa umengameli wamabhinca akaneme, ukubona lokhu njengento emxhaphazayo lo mculi.
UNgizwe ekhuluma kwikhasi leNgizwe Online uthe, kuhle ukwenza kahle komculo nokuba nesasasa kodwa unxusa abaculi behlise izinga lokumsebenzisa uma beqopha izingoma zabo.
"Nani baculi musani ukumhlukumeza senilokhu nibhuza eduze kwakhe nonke manje, uma ubuka wonke umuntu usecula naye. Anike nimphumuze umuntu ngoba lento yokucula ayihambi ibanga elide.
“Ngiyacela ngane zakwethu niyiphumuze ingane yabantu nayo ikwazi ukuhlanganisa, ingqondo iyibuyise kahle," kusho uNgizwe.
Kwenzeka konke lokhu nje uGatsheni ngempelasonto ukhale wemuka netekisi emncintiswaneni kamaskandi iMother of All Maskandi Festival obuseMoses Mabhida Stadium.
Ngokujwayelekile uma kunemincintiswano kuba nokushayisana kwabalandeli ngobefanele ukuwina kodwa kulokhu abalandeli bonke basho ngazwi linye ukuthi iwele ezandleni ezifanele letekisi.
UNgizwe uphinde wambongela uGatsheni ngokudedela izingoma ezishisa izikhotha iminyaka ilandelana.
"Umlando wakho weshumi leminyaka uyabonakala," kusho uNgizwe.