ABATHANDI bomculo kamaskandi sebemagange ukuzozibonela ngawabo amaciko akuleli eshiyelana inkundla kwiSomnandi Music Festival esoLundi Stadium, oNdini ngoDisemba 17 kusukela ngo-9 ekuseni. Omunye wezinduna zabalandeli bezihlabani zikamaskandi, uMhlengemali Mthembu, uthe sebemi ngomumo ukuzothamela lendumezulu yokuqala yomcimbi wokubungaza uThokozani "Somnandi" Langa esadla anhlamvana.
UMhlengemali ube esephonsela abalandeli nabathandi bomculo jikelele ukuthi ababe beqalelela ukuthenga amathikithi ngobuningi babo. "Kuboshelwe kakhulu kulo mcimbi futhi kuyaqala ngqa ukuthi endaweni yezicukuthwane kungenwe ngo-R200. Umcimbi uzoqala ekuseni uze phela ngakusasa sekuphume ilanga. Sixoxisanile nabahleli bomcimbi ukuba udonse kuze kuse ngoba bayakhala abalandeli uma umcimbi uqedwa ebusuku ngoba ababe besazithola izimoto ezizobagodukisa," kuphetha uMhlengemali odabuka khona oLundi.
Kubaculi ababoshelwe kulo mcimbi kubalwa naye uSomnandi, Imithente, Mashelela, Dumakahle, Mzukulu, Bonakele, Gatsheni, Ali Mgube, AmaYellow Bone, Khuzani, Igcokama Elisha, Stability, Mdumazi, Shwi, Mtekhala, Ithole Lendidane, Saliwa, Mroza, Falabo, Qhosha, Zulu Messengers, Mfiliseni Magubane, Dr Buselaphi, Abanqobi, Colenso Abafana Benkokhelo, Mashwabana, Mdabu Ngqulunga, Abanqobi, Jumbo, Professor Langa, Sjava, Amaroto, Inkosi Yamagcokama, Aubrey Qwana, Bahubhe, Skweletu, Phuzekhemisi, Ithwasa Lekhansela, Thobekile Mkhwanazi nabanye. Uhlelo luzobe luphethwe wuZimdollar, KissB4,Linda Sibiya, Mroza Wangempela noMafresh.
USomnandi unconywe kakhulu ngokwenza ubulungiswa ngokuqasha abaculi abashisa izikhotha nasebemnkantshubomvu. Ubuye wanconywa ngobuhlakani bokuqasha uShwi noMtekhala ngokwehlukana.
Khona manjalo uSomnandi usanda kwethula ngokusemthethweni icwecwe lakhe elisha elisihloko sithi Isikhiye Se-coldroom futhi
elinezingoma ezingu-15. Kulo ubophele nabanye ozakwabo ozakwabo okubalwa kubo, uMduduzi Ncube, Khanyo Maphumulo, Njencane, Thulani Manana, Ithole Lendidane noFace To Face.
*Amathikithi okuthamela iSomnandi Music Festival adayisa okwamagwinya ashisayo ezitolo zaseSpar naseTicketPro ngoR120, R200 (VIP) nangoR500 (VVIP).