UMCULI we-Afrohouse, uLungisani ‘Afronerd’ Ndlovu, uthi wendlalela i-albhamu azoyikhipha ngonyaka ozayo nge-EP.
Lo mculi waseThekwini uthe ngesonto eledlule wakhipha i-EP eyayinesihloko esithi ‘To the world’.
U-Afronerd, owaqala umculo ngo-2013, uthe i-albhamu yakhe enesihloko esithi ‘I am African’ izophuma ngoFebhuwari wonyaka ozayo.
Uthe kule EP kukhona abaculi abafana noYolanda, Sazi Cele noLizwi.
“Ngifuna abantu bangazi, ngisafuna nanokuthi umculo wami ukhule yingakho ngithathe isinqumo sokuthi ngikhiphe i-EP ngaphambi kwe-albhamu yami ebizwa nge-‘I am African’.
Kule albhamu yami abantu bangalindela lukhulu njengoba ngizobe ngibaphakela ukudla okungajwayelekile.
“Ngisuka kude nomculo, ngiyakuqonda ukuthi abalandeli akumele balambele umculo wakho. Izingoma eziningi engizenzayo ngizithathe kushuni waphesheya yingakho nje sengizakhele igama ngomculo wami naphesheya,” kuchaza u-Afronerd.
Ekhuluma ngezinhlelo zakulo nyaka, uthe unesifiso sokuthi i-EP yakhe yenze kahle ezitolo zomculo ngoba ufuna imvulele iminyango emazweni angaphandle.