UMREPHA waseThekwini kodwa osedume umhlaba wonke, uNsikayezwe "Nasty C" Ngcobo, ugonyuluke ngokuhlukunyezwa wukuqonywa kukayise yizintombi eziningi emuva kokushona kukanina.
"Ngaba nomama abaningi abangangizali ngesikhathi ngikhula. Abanye ngangihoshelana nabo, abanye ngingazwani nabo. Ngangisemncane ukuthi ngazi ukuthi abanye babo babengomama bami bangempela noma cha. Ukukhula esimweni esinjalo kwakungekuhle."
Ekhuluma nomsakazi wase-USA nyakenye, uNasty C (26) uthe unina wamshiya emhlabeni esenezinyanga eziwu-11 ezelwe emuva kokudutshulwa odlameni lwamatekisi.
Wathi unina wayegibele etekisini, ephuma emsebenzini kanti izohlaselwa yizimbangi zayo. Wathi ubuhlungu bokushiywa wunina wabuzwa kakhulu eseneminyaka eko-17-18 ngoba ebona ontanga yakhe bazi kabanzi ngonina.
Ekhuluma nozakwabo uL-Tido kuleli sonto, uNasty uthe nakuba kunjalo kodwa kwamsiza ukumenza abe yindoda ayiyo.
"Kwangenza ngafunda ukuzimela ngisemncane. Angikuthandi ukucela usizo kumuntu." Uthe usebenzise kakhulu umculo ukukhuluma ngezinkinga abebhekana nazo.
Uqale ukukhuluma ngakho kwi-mixtape yakhe esihloko sithi Price City.
"Njengengane engakukhonzile ukukhuluma, bengisaba ukukhuluma nobaba nanganoma yini. Njengoba nomama ubengasekho, ubengekho umuntu ebengingakhuluma naye. Kwesinye isikhathi bengize ngikhulume nomfowethu."
Eqhuba uthe ezinye izinkinga ebezidalwa yizintombi zikayise, wukuthi ezinye bezifika nezingane zazo. Lezo zingane bezigcina seziphenduke izintandokazi kubo.
Njengoba ebesemncane, ubengakwazi ukufika kubo ajabule, noma adanse njengezinye izingane emakubo. Eqhuba uNasty C uthe useyagadwa ngenxa yokufuna ukuvikela impilo yakhe ngoba akazi ukuthi bakhona yini abantu abangamthandi nabafuna ukumenzakalisa.
Uthe waqala ukwazana nonina wengane yakhe, uNtombizodwa "Sammie Heavens" Sibanyoni (26) besafunda esikoleni samabanga aphansi kodwa baze bathandana sebesesikoleni samabanga aphezulu.
Sebeneminyaka engu-11 bethandana. Basanda kubusiswa ngendodana u-Oliver. U-Nasty ukhiphe i-albhamu esihloko sithi I Love It Here egabe ngezingoma ezingu-19, okubalwa kuzo ethi See Me Now, RIP, No More, This Time, Release Me, Pops, She's Gone & The End nezinye.