INTOKAZI esencane ewumculi wodumo lwengoma kaSun-El Musician ethi Abazali, Umzulu Phaqa, ithi isifiso sayo esikhulu wukuqopha umculo onomyalezo, ongaphelelwa yisikhathi nozohlale uthinta abantu zikhathi zonke.
Umzulu Phaqa (22) waseMandastone, eThornville, ogama lakhe lokuzalwa wuSphiwe Moya, uthe nakuba kungamthokozisa ukuba nengoma eshisa izikhotha, kodwa okumqoka kuye wukuqopha umculo ongaphuphi.
“Ngomculo engiwenzayo, ngihlale ngifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi ngibhala, ngicule ngezinto ezithinta wonke umuntu, oningi labantu elesabayo ukuzikhuluma.
“Kimi okubalulekile wukwenza umculo ozoba nendawo ekhethekile kubantu, nozohlale uzwakala umusha njalo uma bewulalele,” kuchaza Umzulu Phaqa ozwakala engomeni ethi Inhlonipho kwi-albhamu entsha kaSjava.
Lo mculi oseke wasebenza namaciko anjengoKwesta, Prince Kaybee, Citizen Deep noMusiholiq ampike engomeni yakhe yanyakenye ethi Asyeke, uthe useqalile ukuqopha umculo ahlela ukuwukhipha nonyaka.
“Nakuba ngingenakuwufaka ngaphansi komunxa owodwa ngoba angizibuki ngaleyo ndlela, kodwa izingoma eziningi engizihlanganisayo, zishaya ngesigqi seJazz,” kuphetha Umzulu Phaqa.
Le ntokazi esanda kuphothula iBachelor of Arts in Dramatic Arts eWits, ibonge uSun-El Musician ngokuyinika ithuba lokugqama ingakaziwa muntu emculweni.