BAHLUKENE phakathi abathandi nabaculi bakamaskandi ngokuqashwa kwesihlabani somculo wokholo, uLwando “Jumbo” Nyaningwe, kwiMpucuzeko Maskandi Festival ePeople's Park (Moses Mabhida Stadium) ngo-Agasti 12. Okukhalisa abanye abathandi bomculo kamaskandi ukuthi kunabaculi bakamaskandi abangakaqashwa kulo mcimbi ongungqaphambili noqeda iminyaka elishumi wasungulwa. Kubaculi asebedlulise ulaka lwabo ngokungaveli kwamagama abo kwi-poster yalo mcimbi ngoZanefa Ngidi, Mzukulu, Ichwane LeBhova noMnikezwa. UZanefa uyena uze wadubela kuJumbo ngokumchapha ngenkulu inhlamba wathi “OJumbo beg*@o yini labo?” UJumbo uthe “Ngenxa yesithunzi sami ngizokuyeka kodwa ubaleke mhla ungibona.” Ubuyile uZanefa wabhala kanje:“Ngeke, najwayela imizi engacheliwe . Angikusabi wesibhuklabhukla.”
UJumbo ungumculi wokholo oyibhinca futhi ongaconsi phansi kumabhinca ngenxa yokuthi unekhono lokucula izingoma zikamaskandi.
Ephawula ngokuqashwa kukaJumbo, uMcineka, uthe akubona abathathe leso sinqumo kodwa uJumbo uqokwe ngabathandi bomculo kamaskandi ngesikhathi ebabuza ukuthi yiliphi iciko lolunye uhlobo lomculo abangaliqasha. Uthe abaqali kulo nyaka ukwenza lokho kodwa bebekwenza naseminyakeni eyedlule kusaphila kusaphila ingqalabutho emculweni wokholo, uSifiso Ncwane.
"Abantu abangaphezu kuka-2000 bavumelane ngoJumbo," kusho uMcineka othe bakhona abaculi abasazobamemezela uma sekuqedwe konke nabaxhasi. UJumbo uzibongele kakhulu ngaleli thuba alinikezwe yiMpucuzeko ngokubona efanele ukunandisa kule ndumezulu yomcimbi eqeda iminyaka eyishumi yasungulwa.
"Nami ngibone sekungena ucingo luthi 'ndoda abalandeli bakamaskand bathi bangakuthokozela ukuthi ubekhona njengomuntu onobudlelwane nabo'. Ngidlulisa ukubonga okukhulu. Nami ngiyajabula ukuthi bakhethe mina kule minyaka njengoba babejwayele ukusebenzisana noNcwane. Manje ngijabulile uma bethi 'woza ndoda siyawubona umsebenzi wakho. Muhle. Ukuziphatha kwakho siyakuthanda." Ube esebonga kakhulu kuso sonke isizwe samabhinca ngale ngqayizivele yethuba.
UJumbo uzobe eshiyelana inkundla noKhuzani, Igcokama Elisha, Bahubhe, Ithwasa Lekhansela, Dumakahle, Menzi, Skweletu, DSD, Amavikelambuso, Amageza Amahle, Stabhilithi, Imfezemnyama, Buselaphi, Imithente, Izingane Zoma, Thokozani Langa, Ali Mgube, Smirnoff, Sgwebo Sentambo, Jaiva Zimnike, Qhosha, Cevuzile, Mtekhala, Mroza, Amangcukumane, Gadla, Saliwa, Ndoni, Muntuyenziwa, Mjabulisi, Mlabalaba, Limit, Mkhulekelwa, Njoko, Omacekeceke, Mjolisi, Navigator, Sondzaba, Khaza noGatsheni.