SEKUQUBUKE umsindo nge-albhamu entsha yesihlabani somculo kamaskandi, uKhuzani "Indlamlenze" Mpungose.
Kunomculi nomlandeli asebekhala ibhadi ngayo.
Isolezwe NgoMgqibelo lithole ukuthi kunomculi waseNkandla, othukuthele waveva emuva kokuzwa izinhlamvu zengoma kaKhuzani ethi Umqhele Nethawula, zifana nse nezakhe. UMzameleni "Ndabo" Mbatha, wasesigodini saseQhudeni, eNquthu, uthe kumcasulile ukuzwa uKhuzani ecula izinhlamvu ezisengomeni yakhe esihloko sithi Lasuka Lahlala. UNdabo uthe ingoma ikwi-albhamu yakhe ayikhipha ngo-2019 ethi NgiyiNquthu Ngingedwa.
I-albhamu kaKhuzani esihloko sithi Umqhele Nethawula, iphume ngoLwesihlanu.
UNdabo uthe bayazana noKhuzani futhi bake bahlangana estudiyo ezinsukwini ezedlule, bazincokolela njengomkhaya ngoba ubengazi ukuthi kanti udla amandla akhe.
"Kufana yonke into. Izinsimbi nokujika amakhono kuyena. Ngakho ngifuna ukwazi ukuthi bekuyini inhloso yakhe ngoba njengoba mina ngingumculi ongaziwa, kuzothiwa ngifuna ukukotela ngaye," kusho uNdabo.
Ebuzwa uKhuzani, uthe uNdabo unephutha ngoba ingoma yakhe uyithathe kumvumo wasemakhaya. "Akuwona owamuntu. Mhlawumbe baningi abasazovela ngoba umvumo owaziwayo’’.
Ucishe ufane nalona othi 'Usungaze Umshaye, Usungaze Umbeke Isandla. Ufuna ukubhalwa ephepheni," kuphawula uKhuzani.
UNdabo uthe unamanga uKhuzani futhi uyamcasula ngalokhu akushoyo ngoba ingoma engumvumo ayibizwa kanjena. "Lona uthathe ingoma yami njengoba injalo."
UKhuzani uphendule wathi, akabuzwe uNdabo ukuthi noCelazimnike wayeyithathe kuye yini naye?
"Ngibuza ngoba kukhona abathi ngekaCela kuFacebook. Ngizama ukukukhombisa ukuthi abanye bathi ekaCela. Ngizozama ukukutholela i-video ivunywa nayizinsizwa ezigida ingoma, umvumo omdala kabi lona," kusho uKhuzani.
UNdabo uthe ubemhlonipha uKhuzani njengobhuti omdala "kodwa manje usengibonise omunye umqondo," kuphetha uNdabo ocele ukuthi abanamandla bamlwele noKhuzani ngoba yena akanawo amandla.