UZOSHIYELANA inkundla nozakwabo uSiphokazi “Nonzwakazi” Maphumulo, olingisa emdlalweni wethelevishini iSibongile and The Dlaminis.
USiphokazi uzonandisa edilini lomculo iSongstresses of Durban ngo-Agasti 24 ngo-12 emini, eBarnyard Theatre, eSuncoast Casino, eThekwini.
USiphokazi olingisa indawo kamemu Ntuli emdlalweni, iSibongile and the Dlaminis, uthe uzoshiyelana inkundla nozakwabo okungoZinhle Madela, Andiswa Live, Mangcobo Khoza, Miss Level, Pinky 1st Lady nabanye oDJ ababiziwa ngeleZulu Mammies kanti uhlelo luzobe luphethwe nguMinnie Ntuli weGagasi FM.
UNonzwakazi uthe kuzobe kungekhona okokuqala enza lo mcimbi
“Njalo ngenyanga ka-Agasti ngenza le khonsathi ngenhloso yokushiyelana inkundla nabanye abaculi besifazane baseThekwini, ukuba behlanganyele nami ukugubha inyanga yabantu besifazane. Ngacabanga ukuthi kunokuthi ngenze ikhonsathi nje ngedwa, ake ngihlanganyele nabanye abesifazane njengoba kwenza abesifazane abamasha ngo-Agasti 1956, bemashela e-Union Buildings,“ kusho uNonzwakazi osebuya kuZalo nakwiDurban Gen.
Uthe ubumbano lwabo lwamenza wabona ukuthi uma engalusebenzisa ekwakheni ikhonsathi, bazobe beyigubha ngokweqiniso iWomen’s Month.
“Singagcini lapho kuphela kepha sifundisa nabanye abesifazane ukuthi kubalulekile ukuthi endimeni yomculo sivulelane amathuba, siphinde sisekane ukuze iqhaza labantu besifazane emculweni likhule.“
Uthe kulo mcimbi oxhaswe yiSampra, kuzoculwa izingoma ezikhuthaza nezizwelana nabantu besifazane futhi benza lonke uhlobo lomculo, ngisho ne-Opera imbala.
UNonzwakazi ufunde eNyuvesi KwaZulu Natal (Howard College) lapho enza iziqu zeGeneral and Industrial Psychology.
“Ngase ngenza iHonours kwi- Industrial Psychology. Konke lokhu bengikwenza ngingamile ebucikweni, lapho engathola ukuqeqesheka khona ngezinhlobo ezahlukene zomculo eziningi zazo bezidinga ukuthi ngiqeqesheke nasekulingiseni.”
Le ntokazi ibuye yabamba iqhaza emdlalweni obukhuluma ngoMntwana uMagogo futhi yacula kwiClemont Choir. UNonzwakazi uthe uzoqhubeka nokuncelisa amawele ngokucula nokulingisa.