UMCULI waseMandeni, uNkosingiphile "Zawadi YaMungu” Mpanza, uthe ushaqekile eqokwa emqhudelwaneni wangaphandle kwaseNingizimu Afrika ekubeni engakaze abungazwe ekhaya.
UZawadi uqhathwe nabaculi bangaphandle emunxeni weBest African Female Musician of the Year kumaLadies in Media Awards eGhana.
Uthe kusho lukhulu ukuqokwa kulo mncintiswano ngoba kuchaza ukuthi kukhona into enhle ebonakalayo ayenzayo.
"Kusho ukuthi engikwenzayo kusezingeni elifanele ngoba ngibungazwa hhayi eNingizimu Afrika kodwa e-Afrika jilelele. Kuyangijabulisa kakhulu. Ngakho ngizoqhubeka nengikwenzela abantu bakuleli nabase-Afrika."
Uthe ngenxa yokuthi ubeqala ukungena emqhudelwaneni, uqale wangakholwa futhi ubengakulindele ikakhulukazi kwelinye izinga.
"Bengingakulindela ekhaya, ngakho uma sekuqhamuka sekukukhulu kangaka, kungishaqisile. Ngize ngazitshela ukuthi ngiyaqolwa ngoba baxhumane nami kwiDM ye-Instagram. Kuze kwadingeka ukuba ngifunde futhi ngicwaninge ngalo mqhudelwano, ngase ngithola ukuthi bakhona nabanye ozakwethu abaqokiwe. Ngibone lapho ukuthi lena yinto yangempela."
Uthe okuthokozise kakhulu umoya wakhe ukuthi uzothola nethuba lokunandisa emcimbini wokunikezelwa kwemiklomelo.
Ngaphambi kokulibangisa eGhana, uZawadi uzobonakala ecula emdlalweni weshashalazi, okuhlonishwa ngawo iNdlovukazi uNandi unina weLembe, iNandi The Musical, ePlayhouse Opera Theatre, eThekwini kusukela ngoMashi 7 kuya ku-10.
"Kulo mdlalo ngilingisa indawo kaNandi ngomculo. Okwenzeka kuNandi, ngabe usizi, usothandweni noma uyahlukumezeka, mina ngikuxoxa ngomculo," kusho le ntokazi engumsizi womqondisi womculo kulo mdlalo ka-Edmund Mhlongo.
Uthe kulo nyaka uzokhipha i-albhamu ezophrojuswa wuMondli Ngcobo futhi equkethe wonke amanoni akhe.
"Ekupheleni kukaMashi ngizokhipha umucu othi Ngimuhle bese ngilandelisa nge-albhamu ephelele ngabo-Ephreli noMeyi."