INKAKHA yomculi kamaskandi, u-Ali Mgube waMaSAP ne10111 Omaqondana, igqemeke udume lwengozi ngokudlula emhlabeni komshana wayo.
Ukubulawa ngesihluku kwaleli lungu lomndeni kugcine sekuphazamisa nezinhlelo zokuphuma kwe-albhamu entsha yeGeza LakwaMgube (okungelinye igama u-Ali azibiza ngalo emculweni).
Lezi zindaba zidalulwe nguye lo mculi oseneminyaka eyibambile insimbi ishisa lapha emculweni futhi ohlonishwayo ngenxa yamagalelo akhe kule ndima.
"Ngithi angixolise kakhulu ngezinhlelo zami esezithanda ukuphazamiseka ngenxa yokuthi, sithi sihlela noNkulunkulu ebe ehlela ngeyakhe indlela.
Ngiyazi benginethembisile ukuthi iCD yeGeza LakwaMgube izophuma ngomhla ka25 Novemba, kodwa manje ngeke kusenzeka ngenxa yokudlulelwa wumshana wami, obefana nendodana kimi ngokuphelele njengoba ekhulele ekhaya, ekhuliswa yimina kanye nezami izingane."
UMgube uthe umshana wakhe udlule emhlabeni ngoMgqibelo emuva kokulinyazwa ngesihluku ngabantu abangabazi, abamgwaze amanxeba amaningi ngenhloso yokumbulala, washonela khona lapho.
"Manje sekumele ngibhekane namalungiselelo okumfihla ngesizotha umshana wami. Ngalesosizathu iCF lethu elisha ngeke lisakwazi ukuphuma ngomhla ka25 Novemba. Sesiyaphoqeleka ukukuhlehlisa isikhashana (ukuphuma kwalo)." Uthe usazobazisa abathandi bomculo ngosuku abazolidedela ngayo icwecwe elisha leGeza LakwaMgube eliqukethe inoni eseliqalile ukushisa izikhotha elisihloko sithi Wagqoka Kahle.
"Ngicela ukwehlela ngezansi bafowethu nodadewethu (ngoba) ngisemanzini amnyama kanye nezinhlungu ezinkulu. Ngibuhlungu ngendlela eyisimanga emoyeni wami," kuphetha uMgube waseMatimatolo, eGreytown.