“NGIJABULELA ukuthi lokhu okwenzeka akunginqindanga amandla okuthi ngiqhubeke nethalente lami.”
Lawa kube ngamazwi kaMidnight Uzo, ongumculi omusha obhoboke okokuqala ngento emehlele ngonyaka odlule esanda kungena emculweni.
Engxoxweni ekhethekile abenayo neSolezwe ngeSonto, lo mculi oyindodakazi yesishoshovu se-ANC, uNkk Bathabile Dlamini, uveze ukuthi kwale kancane ukuthi aphose ithawula ngomculo emva kwesehlo ahlangabezane naso komunye wophrojusa.
“Ngangiqeda ukuqopha nophrojusa engangimsebenzisa ngaleso sikhathi kodwa wavele wangijikela ngomzuzu wokugcina esekhuluma izinto ezibheke eceleni nezingalungile,” kuchaza intokazi.
Uthe kusukela lapho ubudlelwane babo kabuzange busaba buhle ngoba ubesezizwa engaphephile uma enaye.
“Kwaba yinto enzima ngempela ngoba ngasala nemibuzo yokuthi kungathi ngiqala ngenza into engiyithandayo bese ngizohlangabezana nale nto.
“Kwasala kancane ukuthi ngithathe isinqumo sokuyeka konke kodwa ngabuye ngafikelwa wumcabango wokuthi angingazinqindi amandla ami ngenxa yezambane elilodwa elibolile,” kusasho uMidnight Uzo.
Uthe njengamanje akazisoli ngesinqumo sokuqhubeka nomculo ngoba uzitholele ithimba elisha asebenzisana nalo, elimthathisa okukadadewabo omncane.
“Ngithi uma sengihleli ngiyicabanga le nto, ngibone ukuthi kusho ukuthi liningi ithalente elisiphuthayo siwuMzansi ngenxa yesimo esifuze lesi esangehlela.”
“Kwabanye sigcina ngokungaphethi kahle, bagcina ngokunukubezwa egameni lokuthi benza umculo,” usho kanje.
Uthe le nto isadinga ukuthi uhulumeni ayisukumele ngoba kusho ukuthi amanye amaciko agcina ezinikele ekukhokheni ngocansi uma efuna ukufeza amaphupho awo.
Mayelana ne-EP yakhe uthe ihamba kahle, uzomemezela maduze ukuthi ama-video azophuma nini.
Uveze ukuthi unesifiso sokwenza kabusha ingoma yakhe ethi Thula ayihlanganyele neLadysmith Black Mambazo.