UMCULI kamaskandi owenza iziqu zobuDokotela emkhakheni wezobuCiko ophikweni lweziLimi zoMdabu namaSiko e-University of Zululand (Ongoye), uSbusiso “ATM” Xhakaza, ungomunye wababhali bephepha elicwaninga ngeqhaza lomdlalo wethelevishini, UShaka Ilembe ekuthuthukiseni izilimi namasiko abantu abamnyama.
Leli phepha lethulwe kwingqungquthela yabacwaningi, eMfolozi Hotel Casino Resort Convention, eMpangeni ngoLwesihlanu.
U-ATM Xhakaza, wodumo lwengoma ethi Intelezi nethi Khuzeka, ubambisene kulolu cwaningo nozakwabo, uNtobeko Ngqulunga noLungile Mkhwanazi. Lo mculi ubonge ithuba abanikezwe lona lokubhala iphepha ucwaningo okokuqala ezimpilweni zabo njengabafundi bezilimi zomdabu.
“Leli thuba eliyivelankancane sifakwe kulo nguDr GB Dlamini-Myeni, okunguyena ozinikele ngendlela eyisimanga ukusiqeqesha emkhakheni wokucwaninga. Kuleli phepha sibhala ngeqhaza elibanjwe umdlalo wethelevishini, UShaka iLembe, ukuthuthukisa nokulondoloza ulimi lwesiZulu. Sibheka ukusetshenziswa kolimi nendlela yokugqoka ngokwezigaba zokwehlukana kwabantu nobulili ukugqamisa usikompilo lwabantu abangamaZulu. Iphepha, esilibhalayo, sinesifiso sokuthi lishicilelwe kwi-journal ukudlulisela ulwazi esiluhlonzile esizweni sonke.”
Eqhuba u-ATM Xhakaza uthe leli phepha lizoba usizo kubona njengoba beenza izifundo zobuDokotela ukuthi bakwazi ukuzithuthukisa nokuzihlomisa ngolwazi emkhakheni wezokucwaninga, “okuzongibeka emathubeni angcono ngokomsebenzi njengoba isifiso sami kungukufundisa emazingeni emfundo ephakeme nokuba ungoti emkhakheni wezilimi zomdabu namasiko.” Uthe lolu lwazi lubaluleke kakhulu esizweni samaZulu futhi lwehlukile njengoba kubhekwa indlela yokugqoka yabantu abangamaZulu ngokwehlukana kwabo. “Okuyinkinga enkulu abantu uma kuyimicimbi, bashaya isijabane nengxubevange. Okugqokwa ngamatshitshi namaqhikiza ayakugqoka. Amatshitshi uma evunule amboza amabele, okuyinto engenziwa kwaZulu. Leli phepha liphinde lihlaziye ukusetshenziswa kolimi olujiyile emdlalweni UShaka Ilembe.” Uthe kukhona futhi neziphakamiso ezivele kucwaningo, ezibheke kubabhali bonke jikelele ababhala ngolimi lwesiZulu, ukuqinisekisa ukuthi ulimi luyavikeleka. “Sibonga kakhulu kubo bonke ababambe iqhaza ukusihlomisa ngolwazi, okungabeluleki bethu, uDokotela GB Dlamini-Myeni, uSolwazi ZG Buthelezi noSolwazi LZM Khumalo osethathe umhlalaphansi nabanye abafundisi oPhikweni lweziLimi zomDabu namaSiko,” kuphetha lomculi waKwaMaphumulo.