ABAHLELI bendumezulu yomcimbi waminyaka yonke iMpucuzeko Maskandi Festival sebenxuse umculi kamaskandi, uMzukulu ukuba ehlise amaphaphu emuva kokhalaza ngokushiywa ngaphandle ohlwini lwamaciko azonandisa kulo mcimbi osePeople's Park (Moses Mabhida Stadium), eThekwini ngo-Agasti 12. UMzukulu ubhale incwadi evulekile wayiqondisa kumhleli walo mcimbi, uXolani Mcineka, maqede wayinameka kuFacebook, ebuza ukuthi wenzeni kuye njengoba elokhu esala ngaphandle emicimbini ayihlelayo.
"Noma nifuna ukuqinisekisa izwe ukuthi ninamandla angakanani okubulala umculi, sekungaze kube yimi?
(Ngisho) ngoba nakwiNgoma KaZwelonke, ngafona ngaze ngayeka. Akekho owaphendula olwami ucingo ne-email ngayithumela njengoba kwakushiwo." Eqhuba uMzukulu uthe uma kukhona lapho okumele axolise khona, abasho alungise kunokuthi kulambe izingane zakhe. Esekhuluma neSolezwe, uMzukulu uvumile ukuthi uyena obhalile futhi wathi inkukhu yaqala ukusola umgqakazo etshelwa ukuthi nanyakenye waze waqashwa wumculi thizeni ngoba iMpucuzeko ingenayo imali yokumholela. "Ngazibuza ukuthi kungani mina ngize ngiqashwe ngomunye umculi," kuphetha uMzukulu oshisa izikhotha kulezi zinsuku ngengoma apikwe kuyo uSjava namaQwabe Twins ethi Isoka.
Umsunguli weMpucuzeko uMcineka uvumile ukuthi uwubonile umbhalo kaMzukulu futhi akananxa nawo ngenxa yokuthi uyabuqonda ubuhlungu obuziwa wuMzukulu ngoba Impucuzeko ayifani nanoma iyiphi ifestiveli. “Ukusala kuyona kunomthelela kumculi ngoba kwiMpucuzeko akukho mayelana nemali. Ukuthi uqashiwe. Kuyinkundla lapho bevelela khona." Uthe izinto zilawulwa yimali. "Ngithe ngoba ngisakhuluma udaba lwemali kuhulumeni wesifundazwe, angingabafaki bonke abantu ngingakayazi into yakhona ukuthi izothini. Uthe ngesonto elizayo uzobe esenayo impendulo bese enza ama-poster omculi ngamunye. "Nginqena lento yokuvele ngihhobele wonke umuntu, ekugcineni awusenayo imali yokukhokha. Umculi ngeke akucabangele ukuthi wawenza lento ngoba ucabangela bona. Into ezolandela ukuthi uMcineka uyasixhaphaza, kwasha kwacima kwanjani. Ngathi mina hhayi angibambe isicofiya noma kuzobanzima, engeke aqonde yena. Kodwa uzongibona sengivela, sengithi kuyena 'sibanibani nansi into engaka, woza kwenziwe ama-poster.' Akayedwa (uMzukulu) mhlawumbe bathathu noma bawu-4 abaculi engifisayo ukuba babekhona, engisabheka indaba yabo."