UMSAKAZI woKhozi FM, u-Irvin Sihlophe, uphume umkhankaso wokuheha izivakashi ukuba ziyotshala imali endaweni yaseHarding, lapho edabuka khona. Ukhuluma kanjena nje, uSihlophe uhlele indumezulu yomcimbi iHarding Summer Festival eseHarding Park ngoDisemba 17 kusukela ngo-4 ntambama, kuze kuyosa emnyango.
Kuleli dili kuboshelwe yinqwaba yabaculi abadumile okubalwa kubo Professor, Babo, Jumbo, Nomfundo Moh, DJ Tira, DJ Sox, Zakwe, Sgwili, Qhoshangokwenzakwakhe, Thobekile, uDJ Mngadi, AmaSiblings, Ichwane Lebhaca, T'zozo, Sosha, Bullistic, Bhar, Fey M, Zinaro, Mjosty, Phindi P, DJ Nzwiri, Menzi The Drummer, Swazi M, Zeal Dladla, Dawn Thandeka King weDiepCity, Calvinator weDurban Gen, uMlungisi Duncan weGomora nabanye.
USihlophe uthe ulindele izinkumbi zabantu ukuba zihambele lomcimbi ngenhloso yokuba zifukule umnotho wezindawo ezakhele uMasipala waseMuziwabantu. Uthe ngalo mkhankaso uhlose ukubonga abantu bangakubo ngokumkhulisa nangokumcija ukuze afinyelele kuleli zinga asekulo.
Uthe ngalo mcimbi ufuna ukudala indathane yamathuba emisebenzi.
"Izindawo zokulala seziqalile ukubekiswa futhi sikhulumisane nezakhamuzi zendawo ukuba zihlinzekele izivakashi ngemizi yazo ukuze nazo zihlomule enzuzweni ezokwenziwa." Kulo mcimbi ulindele ukuba kutheleke bonke abathandi bobumnandi basemadolobheni ahlukane akulesi sifundazwe kanye nabantu bakwezinye izifundazwe zaseNingizimu Afrika.
Ngaphandle kokujabulisa abantu ngeHarding Summer Festival, uthe enye inhlosongqangi ukwakha ubumbano nokudala ukuthula ezizweni nasezinhlangano ezahlukene ezakhele indawo yaseHarding.
Ugqugquzele abantu ukuba bazikhiphe nemindeni yabo ukuba bazobona ubuhle boMuziwabantu namaphethelo.
Amathikithi okuthamela lomcimbi aseqalile ukudayisa ezitolo zaseSpar naseShoprite kanye naseTicketPro ngoR100 nangoR500.
Abaxhasi wuMasipala waseMuziwabantu, uMnyango wezobuCiko, amaSiko nezeMidlalo neHalfway Hyundai yasePort Shepstone.