UMCULI kamaskandi, uNhlakanipho "Ntofontofo" Ndlovu, uphumile ebumpohlweni emuva kokushadelwa yintombi nto, uNonjabulo Ngidi wasesigodini saseNkanyezelini, KwaNyavu eMkhambathini.
UNtofontofo (34), ongumholi weqembu Abasekwandeni, ubophe ifindo likasofasilahlane esigcemeni sase-Unit 6, eHammarsdale ngempelasonto. Abasekwandeni yiqembu elake langena kwiTop 12 yomaskanda emncintiswaneni wekhalenda leSolezwe lika-2021.
Uthe yize yena enabafana ababili abangamawele (12) nenye indodana eneminyaka emine nentombazane nayo eneminyaka emine konina behlukene kodwa uNonjabulo (27) ushade eyintombi nto njengoba ebehlolwa KwaNyavu, eMzinzini.
“Unina wabafana bami abangamawele washona ngo 2017. Emva kwalokho ngathola umfana manje oneminyaka emine, ngaphinde ngathola ingane yentombazane komunye, bobabili laba sesahlukana bagana kwezinye izindawo, kuchaza yena
UNtofontofo obebonakala ukuthi weqiwe yinjabulo, uthe baqale ukuthandana ngoMashi 28 nyakenye. "Ngo-7 Meyi 2022, ngacela isihlobo esihle ngiphethe izinkomo eziphelele.
NgoJulayi 9, 2022, ngahambisa isidwaba nomembeso kwathi ngo-17 Disemba 2022 umakoti waletha umbondo." UNtofontofo uthe baqale ngomshado eThornridge Farm, eCato Ridge ngo-Agasti 17 kwathi ngo-Agasti 19 bagcagca.
"Izivivinyo aziziningi ngaphandle kokuthi uma nithandana kukuhle, umona ugcina uvuka ebantwini. Bagcine sebekhuluma okungekhona ngomunye komunye kodwa nakho siyakwazi ukulwa nakho sidlule."
UNtofontofo akayena umculi kamasikandi kuphela kodwa usebenza eMnyangweni wezoMsebenzi nabaSebenzi lapho eyiPayroll Auditor. Uzalwa KwaMtamtengayo lapho uninakhulu ebengumthandazi odumile futhi oyise bakhe beneqembu likamaskandi ebelishisa izikhotha, ngeminyaka ka-1980 no-1990, Amaphisi.
Ngenxa yezimpi zombango kubo kwathuthwa, uNtofontofo wakhula eKwandeni, eHammarsdale lapho eqale khona ukucula. Uqale egida emaqenjini kayise ngo-2003 ngaphambi kokusungula iqembu lakhe, Abasekwandeni ngo-2009.
Baqale ngokuqopha i-albhamu esihloko sithi Ugcino ngo-2019, kwathi ngo-2021 balandela ngethi Ngeke Ufane Naye. UNtofontofo usesebenze nabaculi abaningi, okubalwa kubo uMaqhinga Hadebe abeyigidangoma lakhe futhi abuye wapika ABasekwandeni, oGatsheni, Ngiga , Mthwentombi, Mduduzi Ncube, Hloniphaniart noMashotana.