INKAKHA kwezomculo kamaskandi uDlubheke Khuzwayo, ichaza ngokuyenze yangaphumelela ukuyonandisa ngempelasonto emcimbini, iGcwalisa Spring Picnic All White, eKing’s Park Stadium, eThekwini.
UDlubheke ubezoshiyelana inkundla noCassper Nyovest, AKA, Nomfundo Moh, Big Zulu, Boohle, Kamo Mphela nabanye.
UDlubheke uthe: “Ngidlulisa ukuxolisa kubantu ababelindele ukungibona ngitshakadula esiteji kodwa akwangabe kusenzeka ngenxa yokuhlaselwa yikhanda elibi ngoLwesihlanu ebusuku kuzosa kube umcimbi.”
Uthe yize bekunzima kakhulu kodwa udalule ukuthi usephila njengosheleni.
“Ngokuzayo uNkulunkulu maye sangigcinile siyoba sonke futhi,” kusho uDlubheke.
Ukugula kukamaskandi kufakazelwe nguKhuzani wathi uDlubheke uvuke ephilile kahle ngoMgqibelo ekuseni.
“Okwaphoqa ukuba sivumelane ngokuthi makaphindele emuva ngoba isimo ayekuso sasisho ukuthi ngeke akwazi ukusebenza,” kuphawula uKhuzani, umgqugquzeli womcimbi oshiye abantu bengawuvali umlomo.
UDlubheke ugula nje, ubezobuye anikele ngenkomo kuKhuzani ngenhloso yokumbungaza esaphila ngeqhaza lakhe ekuthuthukiseni umaskandi.
“Ngifisa ukudlulisa ukubonga kule nsizwa uDlubheke, umfoka Khuzwayo ngesipho senkomo angiphe sona, ethi ubonga amagalelo ami kulo mculo.”
Kanti uDlubheke udlulise amazwi okubonga kubahleli beGcwalisa Spring Picnic
“Ngeswele imilomo eyizinkulungwane ngendlela engibone umcimbi ubeyimpumelelo ngayo,” kusho uDlubheke.
Eqhuba uDlubheke uthe kungaba yisenzo esibi uma kungaphikwa ubuhlakani bukaKhuzani esaphila. Uthe uKhuzani uqophe umlando ngendlela enze ngayo ukuhlanganisa amaciko emikhakha ehlukene “(maqede) kuphume into enhle kangaka, siyabonga bafo.”
UDlubheke ubuye wathi ngabe wenza elikhulu iphutha uma engababongi abathandi bomculo.
“Naze nazimisela. Naze nabahle emcimbini. Niqhubeke njalo ningadinwa, siyabonga nangempatho nje enibe nayo. Kozakwethu ngibonga ukuzimisela kwenu nokungaziqhenyi kwenu bafowethu, niqhubeke njalo. Niyibekile induku ebandla,” kuphetha uDlubheke.
Ubudlelwano balezi zinsizwa busuka kude ngoba uKhuzani wafikela kuDlubheke enkampanini yeZingane Zoma. Babehlala behamba ndawonye futhi baze baqopha ezinye izingoma ngokubambisana.
Nakuba kunjalo sekungumlando ukuthi bake baba yinkukhu nempaka futhi baze bangcofana ngezingoma. Leyo ngxabano yashesha yadlula emuva kokuba uDlubheke ezehlisile waxolisa kubantu abangcofe ngezingoma.