UMCULI kamaskandi osematheni kulezi zinsuku ngesidumo esisuke phakathi kwakhe nomsakazi woKhozi FM, kwiMother of All Maskandi Festival, uthi wake wahleka nalo msakazi.
UMthandeni uthe akamzondi uZimdollar woKhozi FM, ngokuphela kobudlelwano babo ngoba ukholwa ukuthi kwase kufike isikhathi.
Egxoxweni ekhethekile abe nayo neSolezwe Ngempelasonto, lo mculi uthe akukho angakufihla ngoba yena akaphili amanga.
“Njengoba uyintatheli wenza umsebenzi wakho, ngeke ngikutshele okungekhona. UZimdollar sake sahleka naye. Sasihleka kuze kuvele elomhlathi size siqethuke nesituli.
“Ngokuhamba kwesikhathi baphela lobo budlelwano bethu kodwa akuzange kube nobutha ngoba ngikholwa ukuthi kwase kufike isikhathi sokuthi buphele.
“Akukho engingakuchaza ukudlula lokho futhi isiZulu asitolikwa,” kusho uMthandeni.
Uthe njengoba engaqhubekanga nokulwa noZimdollar, kungenxa yokukholelwa ekutheni umuntu wesifazane akahlukunyezwa.
Uqhubeke ngokuthi wonke umuntu wesilisa uyazi ukuthi ayikho impi angayinqoba elwa nomuntu wesifazane.
Ebuzwa ukuthi usuke ekuhlelile yini ukuthi kugqame yena emicimbini yabantu asuke eqashwe kuyona, uthe akunjalo kodwa isiphiwo nje anaso ukuthi izinto zizenzekele.
“Empeleni okwenziwa yimina uma ngisemcimbini, yinto ejwayelekile eyayenziwa yibona bonke omaskandi.
“INdidane yayikwenza ukuthi ifike ivelele emicimbini kodwa yayingakaze ithukwe abantu.
Ibhadi lami wukuthi ngafika emculweni ngasheshe ngathandwa, kwase kuba khona abasabalalisa imfundisoze ngami.
“Babesho izinto eziningi bethi ngiyazitshela, angifuni ukushutha nabantu futhi ngiyadelela. Lokho akulona iqiniso.
“Mina ngizalelwe emndenini okholwayo nowawufisa ukuthi ngicule esontweni kuphela kodwa kwangenzeka,” usho kanje.
Uyaleze kubantu ngokuthi kufanele bazi ukuthi akanayo inhliziyo elukhuni futhi uyabathanda bonke,
Kafushane ngoMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele.
–Amagama akhe aphelele unguMthandeni Sibusiso Manqele, odabuka eMdletsheni. Uneminyaka engu-36 njengoba ezalwa ngo-Ephreli 24, 1988.
–Amagama akhe uthe ayisiphrofitho futhi wawaqanjwa ngunina, owayehlele kuthi abe nezingane ezinhlanu kodwa wakhulelwa yena, owaba ngowesithupha.
–Izingane zakwabo uthe zazithanda ukuya komakhelwane uma kukhona ingane ezelwe.
Ekuzalweni kwakhe uthe unina watshela izingane zakwabo ukuthi nansi ingane, ucela ziyithande njengoba zikujabulela ukuyobona ezomakhelwane.
Igama likaMthandeni uthe laqhamuka kanjalo.
-Ungowesithupha ezinganeni zakwabo eziyisikhombisa, okungabafana abahlanu namantombazane amabili.
–UMatric uwuphothule eMakhumbuza High School, eMlaza. Wayebalekisiwe kubo wayohlala eHostela e-17 eMlaza noyise, owayesebenza kwaDunlop ngenxa yezimpi zasemakhaya.
Wayeshaye omunye umfana kanzima, abakubo sebefuna ukuziphindiselela, wayeseyocashiswa eMlaza.
–Unengoduso anezingane ezimbili nayo, izingane zakhe zizonke zinhlanu.
–Emculweni uqale ngo-2010 emva kokushona kukaMgqumeni. Wayengumlandeli kaMgqumeni omkhulu engakunakile ukucula, kuze kube uyashona.
–Ingoma aqala ngayo ukwaziwa uthe esihloko esithi: Kancane Nkosazana, yahlonzwa nguTshatha ukuthi iyingoma enkulu ngo-2010.
Ngo-2013 wathathwa yinkampani Ukhozi Media olwamzingela, waqopha ngaphansi kwalo.Ubuya washiya wazimela.
–Esezimele ukwaze ukuthenga imoto yakhe yokuqala okwakuyiVW Polo, kwalandela ezinye okwaba yiToyota Fortuner. Manje unane iHyundai H1, Range Rover Evoque nezinye.
–Ngokwezinhlelo zakhe ufuna ukuba ngusomabhizinisi ophumelele uma eseneminyaka eko-40 kuya phezulu.
–Uthe yize aziwa ngeleGcokama Elisha kodwa akasezolisebenzisa kakhulu emculweni, usezobizwa ngoMthandeni.
Uthi lokhu kulandela okwenzeke kwi-albhamu yakhe yakamuva enenoni elithi: IParis lapho ebizwa khona ngoMthandeni SK.
–Uveze ukuthi eleGcokama selisetshenziswa ngabantu abaningi kanti yena ufuna ukwehluka kwabanye abantu.