UMCULI we-Afro House, uDr Malinga, udubele ekudleni emuva kokukhonjwa indlela eZimbabwe ngenxa yokungabi nayo imvume yokuba khona. Ekhuluma ohlelweni lwasekuseni kuKhozi FM, uDr Malinga uthe ubuyele ebhanoyini, bathi uma bemnikeza ama-sandwich, wavele wafuna inqwaba ngenxa yokudinwa.
"Bathe uma bengibuza ukuthi ngifuna i-sandwich elilodwa noma amabili, ngavele ngacela awu-5." Eyichaza le nkilayitheka emvelele, uDr Malinga uthe ubeyonandisa emcimbini wokuqongelela imali esikoleni saseZimbabwe, esisendaweni yaseGwanda, iNgoma Primary. Uthe uma ehla esikhumulweni sezindiza saseZimbabwe, bamiswa yizikhulu zakhona.
"Ngibone sengathi bayadlala kanti akunjalo. Ngibone ngokuthi bengayigxivizi i-passport yami. Bebelokhu begxumagxuma. Ngithukile ukuthi kwenzekani. Senze sengathi siyaphuma kanti siyabahlola. Sibezwe bebuza ukuthi amaphepha kaMalinga akhona yini, kwathiwa akekho. Ngibone sebegcwalisa amaphepha amasha. Ngabona nebhanoyi selingimele ukuba ngibuyiselwe ekhaya." Uthe abangani bakhe baseZimbabwe bamchazelile ukuthi kwenzekani. #isolezwengempelasonto
Ebuzwa wumsakazi woKhozi FM, uDJ Sgqemeza ukuthi ufundeni ngalesi sigameko, uDr Malinga, uthe ufunde ukuthi abantu baseZimbabwe kufanele babe namaphepha aqondile uma beza kuleli, kanjalo nabakuleli kufanele babe namaphepha aqondile.
Uthe uphoxeke kakhulu ngokubhuntsha kwalolu hambo ngoba ubezimesele ukuzwisa abalandeli bakhe baseZimbabwe izingoma eziqukethwe yi-EP yakhe entsha esihloko sithi Victory.
Kwenzeka lokhu nje nango-Ephreli kulo nyaka, uDr Malinga wabhala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi usele dengwane eZimbabwe emuva kokushiywa yibhanoyi elalizombuyisela eNingizimu Afrika. Kunokuthi abantu bamnikelele, bavele bamhleka usulu ezinkundleni zokuxhumana.