UMCULI we-Afro House, uMakhadzi, unyelwe yinyoni esandleni njengoba eqokwe njengenxusa le-EQUAL Africa langoSepthemba. UMakhadzi ukleliswe nabanye besifazane abavelele base-Afrika abanjengoTayla, Qing Madi noKhanyisa.
Isolezwe lithole ukuthi i-EQUAL Africa isebenzela ukuthi abesifazane bathole amathuba emculweni nasembonini esebenza nge-audio futhi isisizile ukuqhakambisa umsebenzi wabesifazane e-Afrika.
UMakhadzi ungene emkhakheni wezokungcebeleka eseneminyaka ewu-12 futhi ewumdansi eLimpopo, lapho edabuka khona. Yilapho futhi ezakhele khona igama ngesikhathi ecula emarenki, ematekisini, ezitolo nasemicimbini emincane engakaziwa.
“Ngabona ukuthi umculo wubizo lwami ngesikhathi ngicula emigwaqweni, emarenki, ematekisini nasezitolo. Kwakuza abantu abaningi bezongibuka bangiphe nemali ngesikhathi ngicula. Abanye babeze bashiywe izimoto bemile bengibuka,” usho kanje.
Njengoba uhambo lwalonoma ngabe yimuphi umculi lunezinselelo futhi singekho isiqiniseko sokuthi uzophumelela, nalo uhambo lukaMakhadzi belungehlukile kolwabanye. I-albhamu yakhe yokuqala esihloko sithi Muhwalo Uya Ndemela, ayikhipha ngo-2015, ayiphumelelanga ngendlela ayelindele ngayo.
“Okubalulekile wukuzethemba, ulinde isikhathi sakho. Uma ulethemba ikhono lakho, kufanele uthembe futhi ukholwe isikhathi sikaNkulunkulu. Siyazi ukuthi isikhathi sakhe sihlale sisihle,” kusho uMakhadzi ozakhele ugazi nge-albhamu eyayithi Matorokisi ngaphambi kokukhipha ethi iKokovha ne-African Queen.
Oyinhloko yomculo eSub-Saharan Africa, uPhiona Okumu, uthe abaculi besifazane base-Afrika sebekhombisile ukuthi bayawazi umsebenzi kodwa baswele izinsizakusebenza namathuba. "Ukubalekelela ngezinsizakusebenza futhi nokubavulela amathuba abonakalayo, kubalulekile kwiSpotify,” uPhiona.
UMakhadzi, ocula ngolimi lwesiVenda, okuwubufakazi bokuthi ulimi ocula ngalo alusho lutho emculweni, ukhule elalela umculo wase-Afrika kanti ubala abaculi abafana no-Oliver Mtukudzi, uJah Prayzah, uYemi Alade, uDiamond Platinumz nomculi owumVenda, uZozo. Abalaleli beSpotify bayifela ngomculo wakhe ngendlela efanayo nalabo abasuke bembukela uma ecula bukhoma enza adume ngakho.
Ekhuluma ngomculo wakhe, uMakhadzi uthe: “Uma uwumculi, ungawuhlanganisa noma yikanjani umculo wakho, inqobo nje uma umnandi, udanseleka futhi unomyalezo omuhle. Ngihlanganisa umculo omnandi, abantu abangawudansela futhi ngiyakuthanda ukuthi ngicula ngolimi lwebele.”