UMCULI waseHluhluwe, uLwandile “Lwah Ndlunkulu” Mtshali, ungomunye wabaculi bakuleli abahamba phambili.
Ngokocwaningo lwabeSpotify, uLwah Ndlunkulu (23) uzakhele ugazi ngokukwazi ukuthaka umculo we-Afro pop nesigqi somculo wesintu.
“Uyisibonelo esihle somculi oxuba umculo wesintu nowesimanjemanje.Yena lokhu ukwenza ngomaskandi ne-Afro pop. Zimhambele kahle izinto njengoba ngonyaka odlule ebe yingxenye yengoma yodumo kamaskandi ayicula noMthandeni SK ethi Paris,” kusho isitatimende seSpotify.
Sithe ingoma kaLwah Ndlunkulu ethi Ithuba ithandwa kuzo zonke izinkalo kusukela KwaZulu-Natal kuze kuyoshaya eGauteng.
“Kanti lena ethi Ngiyeza ikuhlaba umxhwele iqala nje.”
Siqhuba isitatimende sithe imboni yomculo e-Afrika iyingxubevange lapho kuhlangana futhi kushayisane amasiko.
“Iwulimi oluhlanganisa wonke umuntu. Iyinto ebhidliza imingcele futhi yondle umphefumulo. Le ngxubevange ayihlanganisi nje abantu abahlukile – ivutha bhe.”
Sithe okwamanje e-Afrika namaphethelo kusakhala isicathulo se-Afrobeats naMapiano.
“Ayizibeki i-Afrobeats. Kudansa wonke umuntu emhlabeni. Bese kuba Amapiano nendlela axuba ngayo umculo we-house waseNingizimu Afrika nezinye izinhlobo zomculo. Awukwazi ukungathatheki.
Abaculi base-Afrika abaziwayo bashintsha izinto ngendlela emangalisayo, bagijima nawo Amapiano. Bawanonga ngendlela yabo futhi benza enye into emnandi. Lobu wubufakazi bokuthi umculo wase-Afrika uyaphila, uhlale ushintsha, uhlale umangaza, ususelwa ekujuleni komphefumulo.“
Yize kunjalo kodwa kuthiwa i-Afrika inenqwaba yabaculi abafufusayo abanekhono elimangalisayo, okungabeR&B, i-EDM, iLekompo, i-Asakaa, iDancehall, iFuji, iGqom uma sibala embalwa.
Amaziko afana neFresh Finds yeSpotify akuhlanganisela izingoma ngenhloso yokuqhakambisa abaculi abasafufusa nabamagange ukwazisa umhlaba umculo wabo.
Nampa abanye babaculi abafufusayo abahlanganisa umculo onhlobonhlobo, oshintshayo e-Sub-Saharan Africa (eSSA) ongabathola:
U-Kaestyle, uKold AF, uSigag Lauren, uKah-lo baseNigeria, uYaadman, uLemon Adisa, uKharishma, uMr Thela waseNingizimu Afrika, uLasmid, uJay Bhad baseGhana.
Njengoba i-Afrobeats naMapiano kungenisa emhlabeni, sekuyisikhathi sokuthi abathandi bomculo bazi nabanye abaculi nezinye izinhlobo eziyikusasa lomculo.