ITHUKUTHELE iyaveva inkakha ye-Afro soul, uLerato "Lira" Molapo, emuva kokuphoxeka kwabalandeli bayo ngokunganandisi kwindumezulu yomcimbi obuseKings Park Rose Garden eBloemfontein, ngoLwesihlanu, kwi-Cultural Urban Festival Africa (Cufa).
Ukukhalaza kwabalandeli bale ntandokazi ngokungabonakali kwayo nangokhalo kulo mcimbi kwenze abahleli bakhipha isitatimende ebesiveza imbangela yokungaculi kukaLira.
Esitatimendeni sabo, badalule ukuthi uLira uphoqelekile ukuba ashiye emcimbini isigubhukane engasaculanga ngenxa yenkinga evele yamqubukela esiswini.
"Siyaxolisa ngokungazenzisi ngokuphoxeka okudalwe ukungabikhona kukaLira kwi-(Cufa)Woman To Woman Show. Uqede ukuhlola umsindo ngezithuba zabo-5.30 ntambama ngoLwesihlanu. Ubekulungele ngokugcwele ukunandisa ngezithuba zabo-7.30 ntambama. Ngebhadi ngenxa yenkinga emvelele, kuphoqelekile ukuba ahambe emcimbini ngokuphazima kweso, nokwenze wangabe esakwazi ukungena esiteji," kuphetha isitatimende sabahleli esingehlanga kahle kuLira.
Eziphendulela lo mculi, wenoni elithi Ngiyazifela nelithi Phakade, uthe kungamampunge okushiwo ngaye ngabahleli balo mcimbi.
"Abahleli baziswa ngesikhathi bebuza ukuthi ngingakwazi yini ukufika kulo mcimbi, batshelwa ukuthi ngisalulama ekuguleni, kumele bakuhloniphe ukuthi ngeke ngikwazi ukunandisa uma sekuhambe isikhathi ebusuku. Ngihambe endaweni yomcimbi ngabo-9.35 ebusuku ngenxa yokuthi umcimbi uphuzile ukuqala," kuchaza uLira.
Lo mzwilili uyalulama emuva kokuhlaselwa yisifo sohlangothi ngesikhathi esochungechungeni lwamakhonsathi eGermany 2022.
Lo mcimbi obizwa ngeCufa usematheni ezinkundleni zokuxhumana kulezi zinsuku ngenxa yokungaboni ngasolinye okubephakathi kukaMakhadzi no-Oscar Mbo osolwa ngokuyalela uDJ wakhe ukuba abhongcule i-USB ebisadlala umculo kaMakhadzi obesanandisa esteji.
Akugcinanga lapho, noLloyiso ugibele esteji washiya angalazi kubahleli bomcimbi ngenxa yempatho engagwinyisi mathe ahlangabezane nayo.
Nakuba kunjalo, uMakhadzi no-Oscar Mbo bagcine bekhumelene umlotha. Kunjalo noLloyiso nethimba lakhe bazehlisile, baxolisa kubahleli yize ebesekhwele wadlika kubo ebabiza ngamahlathi.