UKUTHANDA umculo nomsebenzi wakhe wobuciko bekwenza umculi we-afro pop nama-piano ongasekho emhlabeni uYallunder, aziphoqe ukuqopha umculo ngisho nalapho kucaca ukuthi akaphilile, obekuphoqa ukuthi umsebenzi owenziwayo ungapheli ngesikhathi.
Lokho kushiwo yimenjenga yalo mculi, oshonele kwesinye sezibhedlela zaseGoli ngoLwesine oludlule, uLerato Sejeng ngenkathi exoxa neSolezwe - lapho eveze khona ukuthi ukudlula kwakhe emhlabeni kuthikameze izinhlelo eziningi abebezihlele lo nyaka.
ULerato weStaxx Music Management, okuqopha uYallunder (30) kuyona, uthe leli ciko lidlula emhlabeni emva kokuxinwa wukugula isikhathi eside nje, bekuhlelwa ukuthi lenze umcimbi walo wokuqala licula bukhoma ukujabulisa abalandeli balo ngomculo walo.
"Wumcimbi obubaluleke kakhulu kuyena ukuthi awenze njengoba ubuzobe uyisinyathelo esikhulu saseke wakwenza emculweni wakho, kangangokuthi ubehlela ukuthi wenzeke ngo-Agasti - ewuhlanganisele ukuthi asale esegubha ngawo usuku lwakhe lokuzalwa njengoba ebezobe ehlanganisa iminyaka ewu-31 edla anhlamvana, kwangabe kusenzeka," usho kanje.
Eqhuba, uthe nakuba bese kunzima ukuqopha umculo ngonyaka odlule ngoba ubesexineke kakhulu wukugula futhi engena, ephuma ezibhedlela ukuzam ukuhlenga impilo yakhe - nokho ukhona umculo wakhe abahlela ukuthi uphume nakuba engasekho emhlabeni.
"Sizolinda kwedlule umngcwabo wakhe bese sibonisana nomndeni wakhe ukuthi senzenjani ngalo mculo esaziyo ukuthi ubekubheke ngamehlo abomvu ukuthi ufinyelele ezindlebeni zabantu, njengoba ebese evele eqhamuke nesihloko sawo esithi Heal - esisho ukuphola abezifisela khona njengoba bese kuyisikhathi eside exinwe wukugula," kusho uLerato.
Uthe ufisa ukuthi abantu bakhumbule uYallunder ngohlobo lomuntu abeyilona obekhathalele abantu, futhi eshisekela nokuza nomehluko entsheni yangakubo ikakhulu engamaciko njengaye, nobekholwa futhi ekhonze ukuya enkonzweni.
Uthe basabonisana nomndeni ngendawo okuzokwenziwa inkonzo yesikhumbuzo kuyona ngoLwesithathu, wase eqinissekisa ukuthi inkonzo yomngcwabo wakhe izokwenzela ngakubo eMbizana, e-Eastern Cape ngoMgqibelo.
UYallunder, ogama lakhe lokuzalwa wuYolanda Nyembezi ugqame emculweni ngengoma yakhe ethi Ndinovalo, ekwi-albhamu ye-1020 Cartel yango-2020 esihloko sithi Isambulo. Usebenze namaciko ehlukene okubalwa kuwona uSjava, Anzo, Mzukulu, Nue Sam, Kelvin Momo, Nobuhle Khuzwayo, Sun-El Musician, Oskido noBabalwa M ukukha nje phezulu.