UMCULI we-Afro house nehip hop, uNonhle "Skye Wanda" Mhlongo, uthi wake wakunyanya ukuba ngumuntu wesifazane emuva kokudlwengulwa eneminyaka ewu-12.
USkye Wanda ocula engomeni kaDJ Sithelo eyayikwiTop 10 yoKhozi FM ethi Forever, ukhulume kanje engxoxweni abenayo neLungelo KM Podcast.
Umrepha uthe wagcina engasakufuni ukugqoka izingubo ezazimenza abukeke njengentombazane ngoba wayezitshela ukuthi yikho okuhehe umdlwenguli.
Uchaze kanje uSkye Wanda: "Ngangigqokisa okwabafana ukuzivikela kubadlwenguli. Ngisakhula abantu abaningi babezitshela ukuthi ngiyintombazane ethandana namanye amantombazane."
Uthe waze waphumela obala ngokudlwengulwa kwakhe eseneminyaka ewu-28. USkye Wanda unxuse izingane zamantombazane ukuthi zingafeli ngaphakathi uma kwenzeka zinukubezwa ngokocansi.
"Mina kwangilimaza kakhulu ukungakhulumi ngoba ngisaba ihlazo."
Uthe usakudlulisa lokhu futhi akasenalo uvalo lokugqoka nanoma yini ngoba esaba ukudlwengulwa.
USkye Wanda uthe isigameko senza waqamba izinhlamvu zengoma kaZakes Bantwini, esihloko sithi Girl In A Mirror.
"Ngikhuthaza amantombazane ukuba azithande futhi angavumeli ukubukelwa phansi."
USkye Wanda umbonge kakhulu uDJ Sithelo ngokumfaka engomeni yakhe ethi Forever, ngoba iyona eyambeka ezingeni elithe thuthu. Uthe uzokhipha umculo omusha ngonyaka ozayo.
Le ntokazi edabuka eChesterville, iqale ukwaziwa ngesikhathi ingenele ama-Idols SA ngomunye unyaka. Yathi isikuTop 10 kwaqubuka umsindo phakathi kwabagqugquzeli bama-Idols SA nenkampani eyayisisayine ngaphansi kwayo iNative Rhythm, kubangwa isivumelwano. Emuva kwalokho uSkye Wanda akabange esabheka emuva.