UMREPHA wakuleli, uNtokozo "K.O" Mdluli, useqophe umlando kuleli ngomucu wakhe osihloko sithi Sete. Bekuqala ngqa emlandweni wenkampani edalula ukuthi umculo udlalwa kanjani emisakazweni, iRadiomonitor, ukuthi kube neculo lakuleli noma laphesheya eliqengqeleza phambili amasonto awu-12 elandelana. Selokhu yasungulwa iRadiomonitor kusukela ngo-2015, kuthiwa ziyaqala ukwenzeka izimanga ezifuze lezi. I-Sete ishisa izikhotha kangangoba ikhonya kuma-music chart amaningi asemthethweni, isemisakazweni futhi seyidlalwe amahlandla angu-4000 emisakazweni ewu-88.
Kwenzeka lokhu nje, ezinyangeni ezimbili ezedlule, uK.O, usanda kuba wumculi wokuqala waseNingizimu Afrika ukufinyelela kuma-10 million streams ngomucu. Yingakho abeRisa neSA Chart baze bammukelisa umklomelo ngale ngqophamlando. Ekhuluma ngale mpumelelo kaK.O, okhulumela iRisa, uLesley Mofokeng uthe lokhu kusho ukuhlabana kwendima yomculo. "Siyaziqhenya kakhulu thina njengeRisa neSA Charts. Silapha ukuzogubha naye. Siyabonga ukuthi uhlanganyele nathi ukuzothola umklomelo wakhe," kuchaza uLesley. Ezilhawulela uK.O uqale ngokubonga ithimba lenkampani yomculo iSony Music nelakhe. Ubuye wabonga nabaculi ababambe iqhaza kule ngoma, okunguYoung Stunba noBlxckie. "Namhlanje usuku olukhulu njengoba ngimukela umklomelo ngokudayisa kwengoma yami amahlandla angu-10 million ezinkundleni zokuxhumana, okuyinto ebengingayilindele," kusho uK.O. Esephetha lomrepha owaphothula u-matric eMlokothwa, kwaNongoma, ukhuthaze abaculi abasafufusa ukuba baze bangalokothi badikibale. "Qhubekani nokwenza enikuthandayo futhi nibeke uNkulunkulu kuqala."