ASIKHOLWANGA isilomo somculo kamaskandi, uKhuzani "Indlamlenze" Mpungose, sihlonishwa sisaphila ngengoma yiqembu lesicathamiya iXolo Can't Get.
Umholi weXolo Can't Get yaseMargate, ePort Shepstone, uthe okumenze wahlonipha leli qhawe laseMandaba, eNkandla, ngamagalelo alo emculweni jikelele. Uthe uKhuzani wumculi ongavulelwanga iminyango emculweni kodwa owazivulela yena ngokuhlabelela izingoma ezimnandi.
"Ngibe-ke sengenza ucwaningo ngoKhuba, ngathola kabanzi ngokukhula kwakhe kanzima futhi kuthe kungamhambeli kahle nasendimeni yomculo kodwa yena wazakhela igama ngengoma emnandi. Ngineqiniso lokuthi uKhuba uma ekhipha i-albhamu, izingoma zakhe zigcina sezigiyelwa nayizimbangi. Yingakho kule ngoma ngithi 'Zike Zayivalela Esibayeni EyakwaKhuba, Yona Yavala Umnyango, Yabadikadika Ngengoma',“ kusho uNqobani.
UKhuzani uswele izimpiko zokundiza emuva kokuchonywa uphaphe lwegwalagwala yileli qembu likacothoza lasesigodini sakwaNkosi.
"Kusho lukhulu kimina ukuhlonishwa yizinsizwa ezicula umculo kacothoza. Lokho kusho ukuthi amandla ami awasaqhathaniseki ngoba kuthandwa ngabantu abangekho ngisho kumaskandi kusho ukuthi umculo wami ngeke usavimbeka nhlobo njengoba usukapakele ngisho nakweminye imikhakha.
“Lokhu kusho ukuvula igebe elingasoze lavalwa ngumuntu endimeni kamaskandi," kuphetha uKhuzani.
IXolo Can't Get yiqembu elisungulwe ngo-2019 emuva kokuqembuka kwelinye ayeyingxenye yalo. Yize baqala bebahlanu kodwa bagcina sebeyidlanzana njengoba sebebophele noNkazimulo Yalo, Sihle Ncane, Sbonelo Nqoko, Ayanda Dotshe, Sanele Mavundla, Zamani Madlala, Sihle Langazane, Senzo Ngcungama, Sandile Ngcungama, Mbekezeli Mboyisa, Sfiso Ntshebeshe, Zithotho Ncama, Aphelele Ncama, Nkosinathi Sikobi, Lindani Xolo, Mgabadelu Gida, Lindokuhle Cikwayo, Sphamandla Nxumalo, Welile Khusi, Jabulani Xolo, Bayanda Ntshebeshe, Doctor Ngcobo, Nkosi Gambushe noXolani Gida.
UNqobani uthe i-albhamu yabo enale ngoma ngoKhuzani izophuma maduze.
*Khonamanjalo, uKhuzani ungomunye womaskanda ababanga isamba sikaR100 000 kwiKhuphuka Nezakho Kuvele Inkunzi Maskandi Festival eCurries Fountain Stadium. Kulo mcimbi ushiyelana inkundla neGcokama Elisha, Bahubhe, Amageza Amahle, Amavikelambuso, Ithwasa Lekhansela, Jaiva Zimnike, Buselaphi, Osaziwayo, AmaYellowbone, Mjolisi, Mjabulisi, Lagxabha, Cevuzile, Qhoshangokwenzakwakhe, Inkosi Ymagcokama nabanye.