UMCULI kamaskandi uKhuzani “Indlamlenze” Mpungose, ugiye ngokungahoshelani kwakhe noNgizwe Mchunu ngeSonto emini, emcimbini obusezinkundleni zemidlalo ehostela eJacobs, eThekwini.
Umcimbi obizwa ngeNgoma Eyenziwe, ubuhlelwe Ubunye Bamahostela neSmirnoff. Abantu bafike ngobuningi babo futhi bekungenwa mahhala. Bekuhlolwa amazinga okushisa, kufuthwe izandla futhi kufakwe nezifonyo. Amabhodlela abengavumelekile ukungena.
“Fu%*@i Ngizwe fu%*@i, phambili ngoTshatha phambili. Fu%*@i Ngizwe, phambili ngoKhuba,” usho kanje uKhuzani, nabantu bamvumela.
Sekuwumlando ukuthi uKhuzani noNgizwe abahoshelani. UKhuzani usebenzise umcimbi ukuphusha i-albhamu entsha ezophuma ngoDisemba 3.
“Sekusele izinsuku ezingu-10 iphume i-albhamu. Uma isiphumile ningabashayi abantu. Kukhona abebethi kimi “siyacela bengasishayi emathaveni uma isiphumile,” kusho yena ehleka.
Ushaye izingoma zakhe adume ngazo okubalwa, Ijele nezinye ngaphambi kokuphuma esiteji, angene emotweni wasuka ngesivinini.
“Ayi aze afike uKhuzani la eJacobs. Simthanda kabi,” kusho omunye wabalandeli bakhe obesesixukwini.
Uhlelo lomcimbi beluphethwe ngumsakazi woKhozi FM uKhathide “Tshatha” Ngobe, ongene kwahlanya abantu. Abanye abebesohlwini lwabazonandisa ngoMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele, Muzi Ntuli noMvuzo. Bekudlala namaqembu amagosa.