ISIHLABANI somculo kamaskandi, uKhuzani "Indlamlenze" Mpungose, sichonywe uphaphe lwegwalagwala ngabagqugquzeli boMbuso WamaCiko ngokuqhakambisa lo mculo. UKhuzani ubengomunye wabaculi ebebenandisa kuMbuso Wamaciko Maskandi Festival eCurries Fountain Stadium, eThekwini, ngempelasonto.
Egameni lomsunguli walo mcimbi, uGeh Ngcobo, bathe bathathe isinqumo sokuhlonipha uKhuzani ngehawu nomkhonto ngenxa yokuthi usenqobe zonke izizwe, evikela umculo kamaskandi. "Sithi Khuba qhubeka uvikele umaskandi. Njengoba Mbuso Wamaciko sizothi Phakama Njalo Gawozi'."
Sekungumlando ukuthi uKhuzani waba ngumculi wokuqala kamaskandi ukugcwalisa iMoses Mabhida Stadium eThekwini nokuwina kumaDStv Viewers' Choice Awards. Ngokubambisana noBig Zulu basungula umqhudelwano webhola lamaciko iJammin2 Soccer Tournament. Ngesikhathi Ukhozi FM lugubha iminyaka ewu-60, uKhuzani wayengomunye wabaculi ababamba iqhaza kuyo neLadysmith Black Mambazo noLebo M. Ubuye walingisa kwiMbewu nakuZalo. Useke waba yinxusa lemikhiqizo eminingi futhi wahlukanisa unyaka oKhozini ngengoma ethi Ijele.
Ephawula uKhuzani uthe uMbuso Wamaciko bewumgcoba ngokusemthethweni njengenkosi kamaskandi. Uthe ubuye wahlonishwa ngebhande elibhalwe ukuthi Ilembe. UKhuzani ubuye wacula okokuqala ingoma yakhe entsha esihloko sithi Shushu Mntanami. Izithameli ziyithakasele kakhulu le ngoma.
Lo mculi ubhulelwe amazolo ngoNdoni Ndunakazi, Ali Mgube, Umzukulu KaShafuza, Inkosi YamaGcokama, Khaza, Quality Biyela, Sminofu, Lihle Xhakaza nabanye. Uhlelo beluphethwe wumsakazi woKhozi uBingelela Mpanza, Mashudula, KissBefore Biyela, Umsakazi Ongadumile nabanye.
Omunye wezithameli ubuyele ekhaya esequmbe uR10 000 ekhukhwini.