ISIHLOKO: From A God To A King
UMCULI: Kelly Khumalo
UHLOBO: Afro pop/soul
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
IGCINE iphumile i-albhamu entsha kaKelly Nonhlanhla Khumalo esihloko sithi From A God To A King. Le ntokazi yaseNquthu iyingxenye yabaculi abanesiphiwo esiyisimangaliso.
Ngisho ngabe unayiphi inkinga naye kodwa akulula uwudube umculo wakhe ngenxa yokuthi awuzibeki. Ngale albhamu uvele wangikhumbuza izingwazi zase-Afrika, ezinjengoKhadja Nin waseBurundi wodumo lwengoma ethi Sambolera, Angelique Kidjo waseBenin noYemi Alade waseNigeria.
Kulolu nqambothi lwe-albhamu, uKelly ubophele uMondli Ngcobo, Mbuso Khoza, Zakwe, Mthunzi noSbu Soule.
Ezingomeni ezikleliswe lapha ukhona nomucu othandwe ngabantu abaningi othi Bazokhuluma.
Uma uzifela ngomculo ongasoze wabuna noma yikanjani uzoluthakasela ubisi lwengoma kaKelly ethi Ngisize. Ukube beyiphrojuswa yimi le ngoma, bengizomculisa noNathi Mankayi kuyo. Nakuba kunjalo kodwa ingihlabe umxhwele.
Ezinye izingoma ezingajatshulelwa ngabantu abaningi ngezithi Uyathandwa, Mina Nawe nethi Akathintwa (okuyingoma yokholo). Abathi ayihlabi ngakumisa basuke beqondise kuMbuso Khoza. Ingichazile indlela angena ngayo engomeni ethi Isivikelo. Yize izingoma eziningi kungezothando kodwa lena eyokholo.
UMbuso ungambuka umkale ngamehlo kanti ukwazi ukucula nanoma iyiphi indlela. Kungathi uSalif Keita waseMali engomeni ethi Africa.
Uphrojusa wale albhamu uqinisekisile ukuthi amaphimbo neminkenenezo kuhlanganiswe kamnandi. Ngeke ngimangale uma le albhamu ingawola izindondo emiqhudelwaneni yomculo yakuleli.
Ubudlelwano bukaMondli noKelly bungikhumbuza obukaChicco noBrenda Fassie, uSizwe Zako noRebecca Malope, uRobbie Malinga noZahara, Zakes Bantwini noL'vovo Derrango kanye nobukaGodfrey "Guffy" Pilane neMalaika.
Abazi umculo walezi zihlabani bayaqonda ukuthi ngikhuluma ngani.