UHLULEKILE ukuzibamba umculi we-Afro pop, uKelly Khumalo, ngesikhathi omunye umlandeli ehlanekezela inkulumo ayisho ohlelweni lwakhe, iLife With Kelly Khumalo kwiShowmax.
UColbert ufake isiqeshana sevidiyo kwiTwitter ecashunwe ohlelweni lukaKelly, maqede wabhala ukuthi: "UKelly Khumalo akabhedelwa."UKelly ekhuluma nonina ucashunwa ethi: "Ukube ngangingadakiwe, ngangiyoyihlephula leya ndawo ibe yizicucu nabantu ababephakathi. Angiqambi amanga kuwe," kusho uKelly kunina, uNtombi.
Uziphendulele uKelly kuTwitter ngokumthuka ngenhlamba uColbert, emyalela ukuba asidlale sonke isiqephu, futhi waze wamsongela.
“Wenhlun# kanyoko, uthanda ukubukwa ngamanga. Ngelinye ilanga uyovuka leyo minwe ingasebenzi. Sidlale sonke leso siqephu, sibone... dlala sonke isiqephu zingci$% zenja...Uma uzoqamba amanga, okungcono oba nobuciko mngqat@# kanyoko," kubhoka uKelly ngolaka.
Empeleni uKelly wayekhuluma nonina ngokwenzeka ngesikhathi bevakashile nomngani wakhe uWanda Baloyi, njengoba babuya sebeyinkukhu nempaka.
Kuhluleke ngisho abalandeli bakhe bemnxusa ukuba angamphenduli uColbert kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
UThabiso Lukhanya uthe akangaphenduli "abantu bakho bayakwazi, yilokho okusemqoka," kodwa uKelly wathi "Ngiyazi sthandwa, ayive icika le mgoho."UMiss Que uthe "Hhayi kodwa kwakungesikhathi sohambo noWanda." UKelly uphendule ngokuthi athi: "Yilokho engikushoyo. Bathanda kabi ukubukwa ngodoti," kusho uKelly.
Kwenzeka lokhu nje icala lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, liyaqhubeka eNkantolo eNkulu yaseTshwane. NgoMsombuluko ummeli kaKelly, uMagdalene Moonsamy, wenqatshelwe ukuthamela icala enkantolo. IJaji uTshifhiwa Maumela nabameli babamangalelwa abahlanu bavumelane ngokuthi uMagdalene akabukele konke okwenzekayo enkantolo kwithelevishini yakhe. Kulezi zinsuku basampheka ngemibuzo owayewumngani kaSenzo futhi owayekhona kubo kaKelly ngobusuku besigameko, uMnuz Tumelo Madlala.
NgoLwesihlanu icala lisheshe laguqa ngenxa yokuthi ummeli wabamangalelwa abane uMnuz Timothy Thobane, ucele ukunikezwa isikhathi esanele sokungqumuza okuthize nabamangalelwa abane abamele.