UDJ osahamba phambili emculweni wama-piano, uKabza De Small, uhoxe ngomzuzu wokugcina ekunandiseni emcimbini wokugubha uSuku lweNkululeko, iBom Extravaganza All Black Edition, eSoshanguve ngoMgqibelo.
Isolezwe lithole ukuthi okuphoqe uKabza ukuba angabe esalubhada kulo mcimbi wukubulawa kukazakwabo, uPeter Mabuse obaziwa ngelikaMashata, ngeSonto.
UMashata ushonele esibhedlela emuva kokuphuthunyiswa khona elimele kabi kulandela ukudutshulwa ngoyaba lwezinhlamvu.
Abagqugquzeli balo mcimbi bakuqinisekisile ukuthi akasezi uKabza emuva kokuthola incwadi yesihoxiso kubaphathi bakhe.
Bathe abaphathi bakaKabza bakhathazekile ngokungaphephi kwalo saziwayo njengoba kusenezigameko zobugebengu eziqhubeka eSoshanguve. Bathe bahluleke bancama ukuncenga abaphathi noKabza ukuba bahoxise isinqumo sabo.
"Size sazibophezela ekuqiniseni ezokuphepha ngokubandakanya uphiko lweVIP Protection ukuqinisekisa ukuthi uyaphepha. Yize kunjalo imizamo yethu ayiphumelelanga. Ngakho sithanda ukudlulisa ukuxolisa emakhasimendeni ethu nakubalandeli bomculo kaKabza ngalobu buhixihixi obudalekile," kusho isitatimende esibonwe nayiSolezwe.
Nabaphathi bakaKabza bavumile ukuthi lo mculi ngeke esanandisa kulo mcimbi futhi bazimisele ukubuyisa yonke imali ebisikhokhwe ngabagqugquzeli ukuqasha lo DJ.
Encwadini abayibhalele abagqugquzeli, Isolezwe elinayo ikhophi yalo, abaphathi bakaKabza bathe bazamile ukubonisana kabanzi noKabza ngalesi sinqumo sakhe kodwa kwacaca bha, okwekati elimhlophe ehlungwini, ukuthi akafuni ngempela ukugembula ngempilo yakhe.
"Sibe sesifinyelela esiphethweni sokuthi simhoxise emcimbini ongale mpelasonto ngenxa yokuphepha komuntu esisebenzisana naye. Sicabanga nokuyibuyisa yonke imali njengoba singazi ukuthi uKabza naye uzoze akulungele nini ukuyonandisa eSoshanguve. Siyaxolisa ngobuhixihixi obenzekile," kuphetha incwadi yabaphathi bakaKabza obezoshiyelana inkundla noNasty C, Reese Madlisa nabanye.
*Khonamanjalo, uMashata, obesezakhele udumo ngokunandisa emidlalweni yasekhaya yeMamelodi Sundowns, uzofihlwa ngeSonto emuva kwenkonzo yomngcwabo ezokuba se-Akasia Community Hall, ePretoria.