ISIHLOKO: Angiyikhothi
UMCULI: Intomb’ engenasoka
UHLOBO: Maskandi
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
UMA ngabe wawuzifela ngoshuni kaMgqumeni "Ibhova LikaDikadika" Khumalo, nomakanjani uzoyithakasela le-albhamu kaThulakoni "Intomb’ engenasoka" Nxumalo wasesigodini saseMakopini, KwaHlabisa.
Leli cwecwe elisihloko sithi Angiyikhothi, Intomb’ engenasoka ikhiphe amangwevu ngempela, kusukela ekuhlabeleleni kuya ezinsimbini.
Le ntokazi edabuka esigodini saKwaMgiqano, KwaDabhazi, kwaNongoma ayizibuli ngale-albhamu yohlobo lwe-Extended Play (EP).
Intombengenasoka yaqala ukungenisa emculweni nge-albhamu eyayithi Osabamanzi ngo-2019.
Yakhuza ibuya ngo-2021 ngesihloko sithi Ngakubona Ngakubeletha kwathi ngonyaka ofile yakhipha esihloko sithi Isha Nesobho.
Umucu owadumisa kakhulu lo mculi ngowawuthi Ishende, okuyiculo ayehambisana kulo noMkhathazi.
Kuleli cwecwe elisha, Intombengenasoka ipike uMkhathazi engomeni ethi Udali neNdodakazi Yendidane kweyisihlobo sale-EP.
Ezingomeni ezingihlabe umxhwele kukhona ethi Khululeka, Oskhwama, Umjolo Umnandi nethi Ngiyakujaja Wena.
Abanye ababambe iqhaza kulo msebenzi ngoMcuphi Weshinga noDiscoulight. Yize kunjalo kodwa zonke izinsimbi zidlalwa wuNkunzebomvu Mchunu ngaphansi kweSilver River Studios.
Asethembe nabafundi basezikoleni lomculi afunde kuzo, okuyiSibani Primary neMbopha High, bazomeseka uzakwabo.
Engikuphawulile nje ukuthi izwi leNtombengenasoka liyame kwelikaMgqumeni.