ISIHLABANI somculo kamaskandi, uKhuzani "Gatsheni" Ndlovu, sihlele indumezulu yomcimbi ngenhloso yokuqhakambisa indawo yangakubo ezinkundleni zemidlalo zaseNcotshane, oPhongolo ngo-Okthoba 7. IGatsheni Music Festival izoqala kusukela ngo-1 emini kuze kulamule u-6 ekuseni.
Kulo mcimbi kuboshelwe uKhuzani, Igcokama Elisha, Dladla Mshunqisi, Qwabe Twins, Stability, Jumbo, Intaba YaseDubai, AmaSiblings, DJ Sox, DJ Zaizo, Saudi, Thokozani Langa, Mroza Van Damme, Ithwasa Lekhansela, Imfezemnyama, AmaYellow Bone, Ngizwe Mchunu, Ntencane, Inkosi Yamagcokama, Jaiva Zimnike nabanye.
UGatsheni, obuye aziwe ngeleGagu LasoPhongolo, uthe ngaleli dili lomculo uqonde ukukhombisa ukuthi usekhule kangakanani kule ndima.
"Lithi igama lami lisabalala nje ezweni lonkana nomphakathi wakithi ungasaleli emuva. Ngafikelwa wumbono wokuhlela umcimbi-ke ukuze nami ngikhombise ukubonga kwami ngoxhaso engilutholayo kubalandeli bomculo. Bengingafisi nje ukuthi ngihehe abalandeli bomculo kamaskandi kuphela kodwa nabeminye imikhakha, yingakho nje ngixubile kakhulu ohlwini lwabazonandisa." UGatsheni uthe baningi abaculi abefisa babe yingxenye yalo mcimbi kodwa waphazanyiswa ukungabatholi abaxhasi abanele ukuze aqashe wonke amaciko. Uthe lo mcimbi uzokubakhona minyaka yonke oPhongolo.
"Abantu abaningi bayazi ukuthi ngiyiGagu LasoPhongolo kodwa abakaze belubone uPhongolo ngamehlo. Nali ithuba lokuvakashela indawo yakithi, sijabule sonke." Umphathi kaGatsheni, uThobani Mmema, uthe kube yisibusiso ukusebenza nalo mculi kusukela efika emculweni.
"Leli phupho elifezekayo ngelinye lamaphupho kaGatsheni leminyaka. Ngiyaziqhenya ngokuthi ngiyinxenye yalo mlando omuhle kangaka. Sicela izwe lonke liphume ngobuningi liyokweseka uGatsheni ukuze lo mcimbi ubekhona minyaka yonke," kuphetha uThobani weKuhleliwe Mmema Holdings. Amathikithi aseyatholakala eTicketPro nasezitolo zaseSpar ngoR100 (General), R400 (VIP) nangoR800 (VVIP) kodwa ngokuhamba kwesikhathi azobe esebiza uR150, R400 noR1000.