UDJ Tira uthi ukuntuleka kwamathuba omsebenzi entsheni yikho okumkhathaza kakhulu nokuyingakho enze ingoma enomyalezo.
UTira ngoLwesihlanu uzokhipha ingoma entsha Inkululeko ayenze noHeavy K base bepika uMakhadzi, Zee Nxumalo no-Afro Brothers.
“Ngicabangile ukuthi njengoba kuwunyaka wokuvota ake ngenze ingoma abantu abazoyiqonda kangcono ngoba siya kovota futhi kubalulekile ukukhuthaza intsha ukuvota. Uma ufuna ukuxhumana nentsha kumele ukhulume ngendlela abazoyiqonda. Ngaziwa ngomculo womdanso, amantombazane nobumnandi kodwa ngithe ake ngishintshe ngenze ingoma enomyalezo,” kuchaza uDJ Tira onguMthokozi Khathi.
“Kuwukwenza wonke amaqembu asiphethe ukuthi ake azame ukukhumbula ukuthi siphumaphi nokuyingakho sisebenzise isithombe esisisusele kwesikaHector Pieterson. Abanamandla okushintsha izinto abenze kangcono nentsha iphume iyokhuluma ngevoti.”
Uthe ukuntuleka kwamathuba omsebenzi yikho emkhathaza kakhulu futhi uyikhathelele nokuyingakho ehlale ezama ukuyinika amanye amathuba.
“Ngiye nginike ithuba abaculi abasakhula ngaso sonke isikhathi ngoba ngiyazi ukuthi uma ngisiza oyedwa naye uzosiza abanye asize nasekhaya. Njengamanje nje enkampanini sifuna umuntu okwazi ukucula nokubhala umculo. Uma uzazi ukuthi unalawo mathalente ungasithinta akukhathalekile ukuthi ucula ini. Uyazi e-Afrotainment sizenza zonke. Kukhona iQ Twins eyenza i-Afro Pop, sinoJoocy owenza i-Afro Soul futhi bakhona noDuncan neHip Hop.”