UDJ wesifazane owaba ngowokuqala ukuba nengoma yokuhlukanisa unyaka oKhozini FM ngo-2021, uHlosiwe ‘DJ Hlo’ Mthalane, ugonyuluka ngokuhlukunyezwa ahlangabezane nakho ezinkundleni zokuxhumana selokhu ahlabana ngalo mklomelo.
"Engithanda ukuthi abantu bakwazi ukuthi nami ngingumuntu. Konke okukhulunywayo ngami ezinkundleni zokuxhumana kungihlukumezile, kusukela ngiwinile. Bonke ubuhlungu buya enhliziyweni. Kusukela ngiwinile, ayikho inhlamba engingathukwanga ngayo. Okubuhlungu noma sengihlulekile ukungena kuTop 10 ka-2022, namanje ngisathukwa," kukhalaza uDJ Hlo (24) waseSeaview, eThekwini, esitatimendeni asifake kwiFacebook.
Eqhuba uthe ukuhlukumezeka kwakhe kuwuphatha kabi nomndeni wakhe.
"Ngithanda ukucacisa ukuthi izinsolo engisolwe ngazo zokuthi ngilale nabasakazi boKhozi FM, nokuthi ngagwaza ukuze ingoma yami ethi Isibani, ihlukanise unyaka ka-2021/2022, zingamanga. Ukube ziyiqiniso ngabe ngikuwo uTop 10 nakulo nyaka."
Uthe wasebenza kanzima, engalali ubusuku nemini ngenhloso yokukhankasela amavoti. UDJ Hlo uhalalisele amaciko aqokiwe nonyaka, okungoThwasa Lekhansela, Sikweletu, DJ Maphorisa, DJ Tira, K.O, Big NUZ, Betusile, Big Zulu.
"Ngiyababongela bonke ngokusebenza kanzima ukuze bafike kulesi sigaba. Ngicela sibanike uxhaso ngokuvota ngobuningi bethu nangezinhliziyo ezimhlophe."
Usonge ngokubonga umsakazo uKhozi FM nethimba labasebenzi balo, ngokuqhamuka nomqondo wokuthuthukisa amaciko ngeTop 10.
"Ngithole amathuba amahle kuleli nasemazweni angaphandle."