OWAQOPHA umlando ngokuba wuDJ wokuqala wesifazane ukuhlukanisa unyaka kuKhozi FM, uHlosiwe "DJ Hlo" Mthalane, usesebuholini bophiko lwabesifazane nolwentsha kwiMK Party emuva kokushaya i-ANC ngesithende.
Umholi weMK Creative Council eKZN, uMxolisi "Zuluboy" Majozi ukuqinisekisile ukujutshwa kukaDJ Hlo ezinhlakeni zeMK Party.
"UDJ Hlo umele umkhandlu wamaciko angaphansi kweMK Party kwiMK Women's League nakwiMK Youth League," kuphetha lo mrepha ongumlingisi wodumo kwiDurban Gen noZalo.
Njengoba uDJ Hlo (27) waseThekwini, ayehla enyuka nabaholi be-ANC ngesikhathi ikhankasela izinketho, uthe lokho wayekwenza ngoba le nhlangano ebeyithanda ngenhliziyo yakhe yonke.
"Emuva kokuba ngibe wuDJ wokuqala wesifazane ukuhlukanisa unyaka oKhozini, ngaba nethemba lokuthi uhulumeni wesifundazwe ngaphansi kobuholi bukaKhongolose uzongibhekelela," kusho le ntokazi esanda kwenza ingoma noSykes esihloko sithi Ithuba Lami.
Uthe wayengabhekile ukwenzelelwa nokuxhaswa kodwa wayebheke ikakhulukazi ukunikezwa ithuba lokukhuthaza nokufukula abanye ozakwabo.
"Ngingumuntu okholelwa ekusebenzeni kanzima ukuze ngithole imali. Nakhona bengibheke ukuthi emicimbini eminingi kahulumeni wesifundazwe bazongiqasha.
“Akukaze kwenzeke lokho. Uma amaciko encintisana emqhudelwaneni onjengalo asuke ephuma kuzo zonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye,“ kuchaza le ntokazi eneziqu zeSocial Science eyazizuza e-University of KwaZulu-Natal
Uthe yize engalutholanga uxhaso kuMasipala wangakubo eThekwini, ubenethemba lokuthi uzojatshuliswa ngokuthi okungenani aqashwe emicimbini kahulumeni.
“Okubuhlungu amanye amaciko athola uxhaso komasipala uma eqokiwe emincintiswaneni. ”Okwenzekayo kuqashwa abantu ababodwa kuyo yonke imicimbi," esho.
Uthe bekumphatha kabi ukuqashwa emicimbini esemazweni angaphandle kunase-Afrika njengoba eze wahlabana ngeShining Star Female DJ futhi waqokwa kwiBest DJ kwiZikomo Africa Awards eZambia.
"Kwale noma sengizama ukufaka izicelo zoxhaso komasipala abakhulu baseKZN ukuze ngidlale indima ekuthuthukiseni intsha yakithi ukugwema ukucwila ezidakamizweni.
“Ngalokhu bengizodala namathuba emisebenzi kodwa angikaze ngaphendulwa nakanye," kuqhuba uDJ Hlo.
Uthe yingakho kulo nyaka eqome ukuyisa ivoti lakhe kuMkhonto weSizwe ngoba etholile ukuthi unezinhloso ezinhle zokufukula wonke amaciko, ngisho nasafufusa ukuze kungabikhona iciko elilambayo.
Esephetha uDJ Hlo ugqugquzele yonke intsha yakuleli ukuba iphume ngobuningi bayo iyovota.