UDJ ozakhele udumo emisakazweni emikhulu uThato “Fresh” Sikwane, ukhumbule umkakhe ngengoma ethi Mama (Thabiso). Leli culo likwicwecwe elisha likaDJ Fresh eliphume ngoLwesihlanu, elithi RE:Fresh.
Ekhuluma ephephandabeni elinguzakwabo weSolezwe Ngempelasonto, iDaily News, uFresh uthe ingoma imayelana nothando lukamama, ukuzinikela nenkuthalo nesikhumbuzo asishiye ngemuva.
“Ibhekiswe kuThabiso, owayeteketiswa yizingane zakhe ngelikamama. Emuva kokudlula kwakhe emhlabeni, kube yindlela efanele yokukhunjulwa ngayo ngokuthi kwenziwe ingoma ebungaza omama kuyo yonke indawo.”
Kule ngoma kuboshelwe uKyle Deutsch ocula ngesiNgisi noLindAlive, ohlabelela ngesiZulu. UThabiso, ongunina wezingane zikaFresh, ushone eseneminyaka ewu-50 ngo-Agasti kulo nyaka.
Ushona nje uThabiso bebebusiswe ngabantwana okungoWandi, Reneilwe, uThato, noLefika. Basebeshade iminyaka ewu-20 ngaphambi kokwahlukanisa ngo-2022. ULindAlive uthe kube yisibusiso ukubamba iqhaza kule ngoma.
“Ngilokhu ngiyidlala ekhanda lami ngisho kungafanele ngenxa yenjabulo yokuba yingxenye yalo msebenzi.”
Leli cwecwe eliyi-EP linezingoma eziqanjwe ngamagama ezingane zikaFresh. Leli ciko kulindeleke ukuba likhuze ibuya ekusakazeni ngonyaka ozayo emuva kokuyibamba insimbi ishisa kwiY FM, 5FM neMetro FM. Njengamanje wethula iWAW (What A Week) kwiPodcast yakhe.