IMBONGI yaseThekwini eyazakhela udumo ngokudlala indawo kaQueen Ibanathi kwiFalakhe, uNtokozo Ngcobo, ingomunye wabalingisi abasha bomdlalo weTV osihloko sithi, Icala.
UNtokozo uzobonakala elingisa indawo eqavile emdlalweni okhuza ibuya kuMzansi Magic kusukela ngoJanuwari 6, ngo-8 ebusuku.
Uthe uzolingisa indawo yomhlengikazi onguPhilisiwe Gcoba kwiCala. Eqhuba uNtokozo uthe abantu abalindele okukhulu kusizini 2 ngoba uzoshubisa ngempela.
"Abantu abalindele owesifazane ozobe enezingqinamba ngezifiso zakhe. Bazothola ngokuhamba kwesikhathi ngezimfihlo namaphutha alo mlingiswa.”
Uthe kuningi okuzoshaqa ababukeli ngoba kuzobe kunokushayisa kwamagqabho kuye.
"UPhilisiwe uzozithola esebudlelwaneni bothando nesiguli esishadelwe esinguHlabangani, aphinde atholakale esezithwele, nokugcina kuholele engxabanweni nomkaHlabangani, uMaShandu.“
UNtokozo uthe uyaqala ukulingisa indawo emenza aveze imizwa ehlukahlukene njengokuthi ajabule noma adinwe.
“Le ndawo ingiphonsele inselelo yokuba ngiveze ikhono lami njengomlingisi. Empeleni kafushane yilokho engikuthandayo ngokulingisa, nokudlala izindawo ezihlukahlukene okungenza ngingasebenzi ngokukhululeka futhi okungikhulisayo njengomlingisi.”
UNtokozo uthe ubonga kakhulu umbhali wemidlalo yethelevishini, uChris Q Radebe, ngokumlekelela ekulingiseni lendawo ngaphambi kokuba baqophe.
“Kungisizile ekungeneni khaxa ezicathulweni zomlingiswa, ikakhulu ukuqonda izindlela zowesifazane okhulelwe. Ngithanda ukubonga yena ngokungethemba ngokuphilisa le ndawo. Ngikujabulele kakhulu ukudlala le ndawo," kuchaza uNtokozo.
UNtokozo wehlelwa yile nhlanhla nje, usanda kubuya embuthanweni wokwabelana ngolwazi kwabalobi bezincwadi iNanjing Writers' Residency Program, eNanjing Literature Centre, eChina lapho abemele khona iTheku.
Ubeyingxenye yababhali abebemele amadolobha awu-42 amazwe ahlukene, anababhali abasekhaleni lokuqhakambisa ukubhalwa kwezincwadi ngaphansi kwe-UNESCO.
"Amaciko asuke enikezwa ithuba lokuqhakambisa, nokuthuthukisa amakhono awo kusukela ekuqaleni kukaNovemba kuya ekupheleni kwawo," kuchaza uNtokozo.
UNtokozo uthe uze abambe iqhaza kule ndumezulu yembizo yingoba wafaka isicelo kubagqugquzeli bayo.
Kulolu hambo uNtokozo uthole ithuba lokuba nezingxoxo nababhali baseNanjing, izimbongi, abahumushi, abalingisi, ababhali bemidlalo yethelevishini nezinhlangano zabalobi nabafundi.
Esephetha uNtokozo uthe ulwazi aluthekele kulo mbuthano uzoludlulisela kozakwabo abasafufusa kulo mkhakha wokubhala nokuhaya.