UMCULI kamaskandi owazakhela udumo ngokusina ephethe ipiki kumaDVD kaMgqumeni Khumalo ongasekho, uBobo "Umfana Wepiki" Mhlongo, usegonyuluke ngokumenze wangakhipha kulo nyaka. UBobo uyaziwa ngokuqhulula amanoni afana noNgamthola KuFacebook, Bewumazi Omunye Umuntu, Phela Isikhothane nelithi Inxeba Lendoda. Namhlanje ekuseni, uMfana Wepiki ubhale ekhasini lakhe likaFacebook maqede waxolisa kubalandeli bakhe.
"Nonke baf'wethu nodadewethu, ngokukhulu ukuzithoba kunina nokunihlonipha, ngixolisa kakhulu kubona bonke abakholelwa kulomculo engiwenzayo, ngiwenzela nina, ngokuthi bengajabuli kanye nabanye ngalesisikhathi senjabulo." UMfana Wepiki uthe uzithethelele ngokuthi uqale sekwedlule isikhathi ukuyoqopha e-studio ngenxa yezimo ebezimhlasele. "Abanye benu bayakhumbula ngihlaselwa yizulu emzini kababa, ngilinyalelwa yizimoto. Yikhona konke lokho okwenze ngiqale sekudlule isikhathi. Ngingumuntu oyaye engafuni mayenenzela umsebenzi wenu, axhamazele. Agcine eseniphekela inhlama (into eluhlaza). Ngakho-ke ngizocela kunina ukuninikeza umsebenzi wenu ngoMashi," kuphetha uMfana Wepiki. Isolezwe labika kakhulu ngoFebhuwari walo nyaka ngokushaywa komuzi wakubo woMfana Wepiki, oseWhite City, eNquthu, wumphezulu.
Wathi wafonelwa ngabakubo bemazisa ukuthi sekuhlasele izulu ngezithuba zabo-9 kuya ku10 ebusuku.
"Bathi kuvele kwaduma izulu maqede izindlu zashaywa ngumphezulu, zavutha. Yize umuzi ushile kodwa ngenhlanhla akufanga muntu."
Wathi kushe kwangqongqa izindlu ezimbili kwathi ezinye zasindiswa ukuthi baphumelele kubo ukuzibhula. Ebuzwa ukuthi kukhona yini akusolayo ngale nhlekelele, uBobo wathi akasoli lutho ngoba umphezulu yinto yoMdali.
Kwenzeka lokho nje, lo mculi wayesanda kusinda engozini enyantisa igazi yemoto eyamehlela elokishini laseTembisa, eGoli ngoNovemba wanyakenye.
UBobo wayeyoshiya uzakwabo u-Ayanda Ngobese ngesikhathi evelelwa yile ngozi ngezithuba zabo-9 ebusuku.
"Bengibuya komemezela ngomcimbi engangizoba nawo ngoMgqibelo. Sengubuyela emuva ngangihamba nomfowethu, uDSD. Ngithe sengibuya kobeka yena, ngayobeka umshana wami u-Ayanda Ngobese. Sithe sesifikile lapho abezokwehla khona, ngabe sengipaka imoto." Wathi kwaqhamuka imoto eyayihamba ngesivinini esixakile, eyafike yangena kweyakhe ngaphambili.
"Njengoba beyimile yami. Lena iyishaye yadilaya. Umshayeli wehlile kweyakhe wazoxolisa. Ngithe uma ngimbuza ukuthi wenzani, wathi usuke wabona izinja eziningi." UBobo no-Ayanda babe sebephuthunyiswa esibhedlela lapho uBobo afike wakhishwa amabhodlela ayegcwele kuwowonke umzimba maqede wadedelwa.