UZISHAYA isifuba umculi wakuleli obuye abe ngumlingisi ngokuthi ufunde okuningi ngesikhathi ehlabe ikhefu leminyaka ewu-10, emculweni.
UKeabetswe “KB” Motsilanyane, wagcina ukukhipha ingoma ngo-2012 njengoba ebuye ngesingili ethi, Morwamotho.
Exoxa nephephandaba, uthe kuyintokozo ukubuyela kwakhe emculweni futhi ubafice besekhona abalandeli bakhe.
“Ukunyamalala kwami kungisizile kakhulu ngoba ngifunde ngezinye izingxenye zebhizinisi lomculo. Ngivuthwe ngokwanele manje njengoba ngibona sekuyisikhathi sokukhipha futhi,” kuchaza uKB.
Uthe yize ubengakhiphi mculo kodwa ubengayekile ukuwubhala futhi wenza unyaka wakhe wesibili ezifundweni ezizomlekelela empilweni.
“Abantu bazozwa konke kwi-albhamu yami ezophuma maduze, abanenhlanhla sebeqalile ukuzwa ezinye zezingoma uma nginandisa emicimbini ehlukile esengike ngibonakale kuyona,” usho kanje.
Uveze ukuthi omunye wemicimbi awubheke ngabomvu nazobe egubha iminyaka engu-20 aqala ukucula kuwona, yilowo ozoba ngoDisemba 1-18. eState Theatre, iMzansi Fela Festival (MFF).
"Mina ngizocula ngoDisemba 4, kanti sengijahile ukuxhumana nabalandeli enkundleni enkulu njengale ngoba yifestivali osekungunyaka wesi-15 yenzeka,“ usho kanje.
Wagcina ukukhpha i-albhamu ngeyesithupha ngo-2012, kanti uthi kule yesikhombisa usebenzisane nababhali nophrojusa base-Europe. Phakathi kwamanoni akhe amadala kubalwa, i-El Musica, Rock Lefatshe, O A Lla, I Call It Love neFeeling you.
Useke washiyelana inkundla nezinkakha zabaculi ezinjengoSibongile Khumalo, Ernie Smith, Beyoncé, Prime Circle noBrandy.
Udabuka esifundazweni iNorth West, akagcini ngomculo ngoba nasekulingiseni usezakhele igama, elingisa emidlalweni enjengeBackstage neRhythm City. Kumanje udlala indawo kaLesedi emdlalweni wesibhunu, i7de Laan, okhonjiswa kwiSABC 2.