ISIHLABANI somculo kamaskandi, uKhuzani "Gatsheni" Ndlovu, sibonge abathandi bomculo waso ngokuthola izibukeli ezingaphezu kuka-3 million kwiYouTube.
UGatsheni uqophe umlando ngengoma yakhe ayikhiphe nyakenye ehamba yedwa esihloko sithi Yimi Umalume.
Uthe le ngqophamlando uzoyigubha nabazohambela umcimbi wakhe wokuqala, iGatsheni Music Festival osezinkundleni zemidlalo zaseNcotshane, oPhongolo ngo-Okthoba 7.
IGatsheni Music Festival izoqala kusukela ngo-1 emini kuze kulamule u-6 ekuseni.
UGatsheni, obuye aziwe ngeleGagu LasoPhongolo, uthe ngaleli dili lomculo uqonde ukukhombisa ukuthi usekhule kangakanani endimeni yomculo.
"Lithi igama lami lisabalala nje ezweni lonkana nomphakathi wakithi ungasaleli emuva. Ngafikelwa wumbono wokuhlela umcimbi ukuze nami ngikhombise ukubonga kwami ngoxhaso engilutholayo kubalandeli bomculo.
Bengingafisi nje ukuthi ngihehe abalandeli bomculo kamaskandi kuphela kodwa nabeminye imikhakha, yingakho nje ngixubile kakhulu ohlwini lwabazonandisa."
UGatsheni uthe baningi abaculi abefisa babe semcimbini kodwa waphazanyiswa wukungabatholi abaxhasi abanele ukuze akwazi ukuqasha wonke amaciko. Uthe umcimbi usuzoba khona minyaka yonke endaweni yasoPhongolo.
"Abantu abaningi bayazi ukuthi ngiyiGagu LasoPhongolo kodwa abakaze balubone uPhongolo ngamehlo. Nali ithuba lokuvakashela indawo yakithi, sijabule sonke."
Emcimbini kuzobe kuboshelwe uKhuzani, Igcokama Elisha, Dladla Mshunqisi, Qwabe Twins, Stability, Jumbo, Intaba YaseDubai, AmaSiblings, DJ Sox, DJ Zaizo, Saudi, Thokozani Langa, Mroza Van Damme, Ithwasa Lekhansela, Imfezemnyama, AmaYellow Bone, Ngizwe Mchunu, Ntencane, Inkosi Yamagcokama, Jaiva Zimnike nabanye.
Umphathi kaGatsheni, uThobani Mmema, uthe kube yisibusiso ukusebenza nalo mculi kusukela efika emculweni.
"Leli phupho elifezekayo ngelinye lamaphupho kaGatsheni leminyaka. Ngiyaziqhenya ngokuthi ngiyinxenye yalo mlando omuhle kangaka.
Sicela izwe lonke liphume ngobuningi liyokweseka uGatsheni ukuze umcimbi ube khona minyaka yonke," kuphetha uThobani.
Amathikithi aseyatholakala eTicketPro nasezitolo zaseSpar ngo-R100 (General), R400 (VIP) nango-R800 (VVIP) kodwa ngokuhamba kwesikhathi azobe esebiza uR150, R400 nango-R1000.