UMA kukhulunywa ngengoma ethi Jerusalema esidume umhlaba wonke, ifikelwa umunyu intokazi yaKwaZulu-Natal ngemisebenzi kanina.
UNomcebo Zikode waseHammarsdale ocula noMaster KG ingoma ethi Jerusalema nosekhiphe i-albhamu yakhe ethi Xola Moya Wami, uveza ukuthi ukube unina wayengekho ngabe kade ayikhohlwa indaba yomculo.
Ukuba nekhono lokubhala nokucula bekuyinto alokhu ekhula nayo kodwa ingamchumi. Yingakho eze walahlekelwa yithemba.
Kodwa unina uNkk Buyeleni Mfeka-Nkwanyana waqinisekisa ukuthi akalilahli ithemba.
“Bengilokhu ngizama ngicula nabantu bengincoma bethi nginekhono kodwa kunzima ingavuleki iminyango efanele. Bengike ngicule ngisho nabaculi abaziwayo kodwa kungahlangani okwami. Umama nomndeni wami wonke nabantu ebebengilandela bebehlala bengikhuthaza bangiduduze ngezikhathi ezinzima. Umama okwakhe bekunzima kakhulu ngoba ubaba washona esangikhulelwe, selokhu aqala lapho ukunginakekela ngazo zonke izindlela,” kusho uNomcebo.
Eqhuba uthe ngesikhathi engenela nemincintiswano eqala ezama nokungqongqoza ezinkampanini zomculo ezinkulu kwaba sengathi ufaka usawoti esilondeni ngoba babengakholelwa ekutheni izwi lakhe lingakhipha ulozolo lwezingoma. “Ngicabanga ukuthi babedidwa ukuthi ngingowesifazane onezwi elikhulu kanti bona bajwayele ukuthi abantu besifazane bacula ngezwi elincane. Ngeke ngiqambe amanga ngaze ngafikelwa umuzwa wokushiya phansi kodwa umama elokhu engikhuthaza ecula nami. Kunengoma engayibhala naye esiyicula sobabili engizoyifaka kwi-albhamu elandelayo,” kusho uNomcebo. Eqhuba uthe iXola Moya Wami uyibhale ngesikhathi kumenyezelwa ukuvalwa kwezwe nokuyinto eyamthusa kakhulu.
“Ngaphatheka kabi emoyeni wami ngaba nemibuzo eminingi ngempilo ngabhala ngicela uxolo kuNkulunkulu ngezimo zomhlaba. Ngangibheka ukuthi noma singabantu sikholwa kodwa kukhona lapho sibuye siphambuke khona. Ukuhlasela kweCovid-19 nokuvalwa kwezwe ngakuthatha njengolaka lukaNkulunkulu,” kusho uNomcebo.
Njengamanje uNomcebo uhleli kunombolo-44 emazweni omhlaba nengoma yakhe ethi Xola Moya Wami nokumenza abe phezulu kwabamele iNingizimu Afrika emculweni.
IJerusalema yona selokhu ihamba phambili nangomdanso wayo odanswaumhlaba wonke.
Ukusebenza noMaster KG uNomcebo uthe ukuthatha njengesibusiso angasoze asikhohlwa ngoba ukholwa wukuthi uNkulunkulu wabahlanganisa ngesizathu sokuthi baphakamisane ngamakhono abo.
Isifiso sakhe esikhulu esokucula ezindaweni ezahlukene KwaZulu-Natal nokuqhubeka abhale izingoma ngesiZulu.