UKUHLANGANA kwakhe noBlack Coffee sekumvulele indathane yeminyango uphrojusa waseMlazi ka-U njengoba esebalwa noDJ abahamba phambili kuleli.
U-Enoo Napa ogama lakhe langempela nguSiphiwe Mkhize usephuma emazweni afana noParis, Netherlands, Dubai, Indonesia, Mumbai, Kenya.
Uthe konke ayikho bekungeke kube yimpumelelo ukuba akahlangananga noBlack Coffee emva kokungena kule ndima ngo-2013.
“Kuningi engikufundile futhi engisaqhubeka nokukufunda selokhu ngasondela eduze kwakhe.
“Ngaphandle kwendlela yokuziphatha ungikhuthaze ngokubaluleka kokuwuthanda umsebenzi wakho ukuze nabaseceleni babukele kuwena,” usho kanje.
Echaza ngegama azibiza ngalo ukuthi lisuselwa esidlalisweni akhule ebizwa ngaso kubo esithi Inu Napa (Enoo Napa), wabe esekhetha ukusibhala ngalolu hlobo.
Muva nje uhlanganyele noDJ Merlon bakhipha i-EP ethi ‘Two Zulu Men in Ibiza’ nebukeka ithakaselwa ngabaningi.
Ngo-2017 wathola isicoco seTraxsource Afro House Artist of the year.
Phakathi kwabaculi abahlonishwayo aseke wasebenzisana nabo kubalwa uBlack Coffee, N'dinga Gaba, Mi Casa, Oscar P, King Sfiso, DJ Merlon nabanye abaningi.
Eqhuba uthe uyafisa ukuthi nabanye ophrojusa abanjengaye abasemalokishini bangalilahli ithemba kodwa bazimisele kakhulu kunakuqala kuze kube umsebenzi wabo uzikhulumela wona.
“Ngiyazi abaningi basheshe balahle ithemba ngoba bebona sesiside isikhathi abangena ngaso kule ndima ngaphandle kokuthi kufezeke izifiso zabo.
“Into engingayisho kubona wukuthi konke kuyafezeka ngesikhathi sakho. Uma sesifikile nawe isikhathi sakho akukho okungakuvimba,” kusho lo DJ.