UMCULI we-Afro pop oke wabangwa womaskanda baze badelelana ezinkundleni zokuxhumana, uLindokuhle Msomi (24) owaziwa ngeNtaba yaseDubai emculweni, uthi ubesethathe isinqumo sokuwuyeka umculo, izinto zingahambi kahle.
Intaba yaseDubai, esise-Ambitiouz Entertainment, ike yabangwa yiMfezemnyama noNjoko, oncome lo mculi ngoba engasasebenzisani neMfezemnyama, okuyinto ebukeke icasula lo maskanda baze badelelana kwiFacebook.
Ixoxa neSolezwe ngeSonto, Intaba yaseDubai, ithe kakukho eke yakubanga neMfezemnyama.
“Ngisho nokuxabana kwakhe noNjoko kwiFacebook kangikubonanga njengengxabano lokhu abebekwenza. Noma ngingenasiqiniseko kodwa ngisola ukuthi bekuyindlela yokuzimaketha kubona, okuyinto eke yenzeke kumaskandi. IMfezemnyama ngisebenzile nayo futhi ngihambe sekufanele njengoba nganginenkontileka yonyaka ngaphansi kwenkampani yayo, Amabunjwa,” kusho Intaba yaseDubai.
Lo mculi uthe unyelwe yinyoni esandleni ngokuthathwa yi-Ambitiouz Entertainment, izinto zingasahambi kahle kuyena. “Emva kokuphela kwenkontileka yami kuMabunjwa, bese ngihleli ngingasasebenzi. Ngenxa yokuthi ekhaya isimo kasihambi kahle. Bese ngithathe nesinqumo sokuwuyeka umculo ngiyofuna umsebenzi. Ngisuke eGoli ngaphindela ekhaya ngaphambi kokuba iNingizimu Afrika iye kuthaqa.
Sengizihlalele ekhaya, ngisahlela indaba yokuyofuna umsebenzi, ngivele ngafonelwa ngabaphathi be-Ambitiouz Entertainment, bathi bebelokhu bewulandela umculo wami, bayawuthanda, bafuna ukusebenza nami,” kusho yena.
Lokho uthe kumjabulise kakhulu njengoba eseqalile ukusebenza nale nkampani.
Lo mculi muva nje usanda kupikwa engomeni eshisayo kaBig Zulu noRiky Rick esihloko sithi Imali Eningi esidlalwe ngaphezu kuka-1.3 million kuYouTube kungakapheli ngisho inyanga iphumile.
Uthe emculweni uqale ngo-2012 kodwa ubengawuqophi ngaleso sikhathi. Uthe uze waqala ukuwuqopha ngo-2015, ekwenye inkampani encane kodwa eyabuye yahlakazeka. Uthe ugcine esesayina ngaphansi kwenkampani yeMfezemnyama, Amabunjwa. Lapho ufike wakhipha i-EP enezingoma ezenze waziwa, njengethi: Nabanye, Amazwi nezinye. Uthe enkampanini entsha usanda kufika, uzozwa ngayo konke okuzokwenzeka.
I-Ambitiouz Entertainment inabaculi abasematheni kulezi zinsuku, iBlaq Diamond, Miss Pru, Malome Vector nabanye. Isike yasayina u-Emtee, Sjava, Amanda Black nabanye.