NOKUBONGWA PHENYANE
UMCULI wakuleli uBerita useveze ukuthi ingxenye yemali azoyithola ngengoma yakhe entsha ayikhiphe kuleli sonto ethi Ungandibulali, uzoyiyisa esikhwameni sezinhlangano ezilwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane.
Le ngoma ayenze ngokuhlanganyela neNdlovu Youth Choir, iqale ukuzwakala ekuseni eziteshini ezihlukene zakwaSABC.
Ukhiphe le ngoma izolo nje, bekuqala umkhankaso wezinsuku ezingu-16, zokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
“Ngingomunye wabalwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Ngikhethe ukusebenza naleli qembu lomculo lentsha ukudlulisa umyalezo kulo nyaka. Njengoba lo mkhankaso usuqalile nami ngale ngoma ngithi ngidlulisela izwi lami nomyalezo wami ngalesi sihlava esesisihlasele kangaka kuleli. Kulo mkhakhaso angihambi ngedwa kuwona njengoba sihlangene nanoSABC Radio, ngaphansi komkhanksao othi: “Don’t turn a blind eye” nalapho bezosebenzisa le ngoma uma behamba bekhuza lesi sihlava,” kuchaza uBerita.
Uthe nesitebele angaphansi kwaso i-Assali Music sibe nesivumelwano sokusebenzisa le ngoma kulo mkhankaso.
“Manje sithi akuphele lokhu okwenzeka kuleli, abavikelwe abantu besifazane. Ngiyathemba le ngoma izowudlulisa umyalezo ozofika uhlale ezinhliziyweni zabantu abahlukene. Kuwumsebenzi wawo wonke umuntu ukuvikela izingane nabesifazane. Ukuhlukunyezwa kwabo kucekela phansi izinto eziningi ezinhle kuleli, ngakho asilweni nakho singalinge sikuvumele. Kubona bonke abesifazane asebeke babhekana nokuhlukunyezwa kwanoma iluphi uhlobo sibafisela ukululama,” kuchaza uBerita.
UMCULI wakuleli uBerita neqembu lomculo Indlovu Youth Choir izolo ngokuhlanganyela abakhiphe ingoma ethi Ungandibulali nokuhloswe ngayo ukuthi kuliwe nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane Isithombe: SITHUNYELWE