ISIHLABANI segqom,' uBongekile "Babes Wodumo" Simelane sicacise ngobudlelwano baso nomculi wamapiano, uSabelo Zuma.
Ekuqaleni kwenyanga edlule kuke kwasabalala amahlebezi abethi uBabes noZuma sebengamathe nolimu futhi sebeyajola emuva kokuba sekuphele unyaka ezilele uMampintsha.
Ngokwemithombo yezindaba, uBabes noZuma baqala ukuthandana kusukela ngonyaka owedlule kangangoba babonakale kaningi emicimbini yomculo eyehlukene nasemaphathini.
Kwaze kwabakhona abakhala ngokuthi uBabes mudala kunoZuma umshiya ngeminyaka emithathu njengoba kwabikwa ukuthi uBabes uno-28 ekubeni uZuma eno-25.
Echaza, kwiPodcast and Chill with MacG, uBabes uthe yena noZuma waMaroto bangabangani futhi bahlobene.
"Ubaba wami uzalwa uMaZuma, njengoba naye ewuZuma, ayikho into eyenzekayo. Ngingenzani. Niyobona ngami uma sengijola."
Ebuzwa ukuthi ngabe ucansi walugcina ngomyeni wakhe, uMandla "Mampintsha" Maphumulo, uvele wahleka maqede wathi u"sawoti" uyadinga ukukhishwa ndawana thize.